MTHOKIZISI MANQELE noLUNGI LANGA
U SUKU lokuvulwa kwezikole kube ngolokubhebhezeleka kwezinsongo zabafundi abawomkhaya, ingxabano yabo eholele ekuphumeni kwesidumbu.
Laba bafundi baseKhulumeluZulu High, eMkhwakhweni, oPhongolo kwavalwa izikole besongelene ngokuthi kuyocaca uma sekuvulwa izikole ukuthi ngesikabani isidumbu esizosala phansi.
NgoMsombuluko okuvulwe ngawo izikole, le ngxabano idlule nomphefumulo kaMbuyiseni Ntshangase (16) ogwazwe emhlane esesangweni lesikole, lapho kubheduke khona impi kuvuka igqubu lokuvalwa kwezikole.
Ushone esanda kufika esibhedlela abephuthunyiswe kusona.
Omunye umfundi olimele kakhulu ngenxa yokugwazwa eqolo nguWandile Mabika okumanje uyalulama esibhedlela.
Kuthiwa omunye umfundi ogencwe isandla ulashwe emtholampilo wadedelwa khona ngoMsombuluko ngoba ubengalimele kakhulu.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Jay Naicker, kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-20 wabekwa icala lokubulala.
Uzovela namuhla eNkantolo yeMantshi oPhongolo.
Isolezwe lithole ngoSihlalo wesigungu esengamele isikole uMnuz Hubert Ntshangase ukuthi laba bafundi bebevele besongelene ngokuthi bazogencana uma zivulwa izikole. Nangempela kuthiwa batheleke esikoleni behlome ngocelemba, yimimese nezagila.
Uthi kuqale kwafika abathathu babalinda, kwase kutheleka elinye iqembu labayisishiyagalolunye zase zidudulana.
UNtshangase uthi ngokuthola kwabo kubangwa ukuthi kukhona owabuza omunye ukuthi umbukani ngesikhathi kuvalwa izikole kwase kusuka ingxabano kanjalo.
“Akuyona nento ephathekayo abayibangayo ngoba bagconana nje endaweni behlangana basolana ngokuthi kukhona obuke omunye kabi base bexabana maqede basongelana ngokuthi bazotholana mhla kuvulwa izikole,” kusho uNtshangase.
“Bagencene ngocelemba, bagwazana ekuseni singakangeni isikole. Bebelwela eduze kwesango lesikole. Sithole ukuthi ngumuntu oyedwa obegwaza laba ngoba ubagwaze kwaze kwagwazeka owangakubo wagcina ngokushona,” kusho yena.
UNtshangase uthe akuphazamisekanga ukufunda ngoba bayile kubafundi babaluleka nayizolo baphindela ukuyohlola isimo.
“Sibe nomhlangano namaphoyisa, uMnyango wezeMfundo nobuholi bendawo ngenhloso yokubonisana ngokuthi singasiqeda kanjani lesi sihlava sokulwa kwezingane zasoPhongolo ezivele zigencane. NgoLwesithathu (namuhla) sizohlangana nabazali bezingane ezithintekayo ukuze sithole isixazululo,” kusho uNtshangase.
Kuthiwa abafana ebebelwa abayona ingxenye yamaqembu asoPhongolo adume ngokugencana.
Indawo yasoPhongolo idume kabi ngamaqembu abafana abagencanayo abizwa ngeScorpion, Hungry Lion namaSnacks.
Muva nje kusanda kubikwa ngowesilisa ozibiza ngeLembe osegwaze inqwaba yabantu ebasukela bengenze lutho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bebengakabikelwa ngalolu daba.
Unxuse abafundi ukuthi bangenzi izinto ezingahambelani nokufunda nezidala uthuthuva emphakathini.
UMahlambi uthe akukho okungakho abangakwenza ukunqanda ukulwa kwabafundi kepha bazodedela amaphoyisa ukuthi aqhubeke nophenyo.
“Kubi ngoba lesi sigameko sithathe nomphefumulo kodwa siyacela ukuthi wonke umuntu adedele umthetho uklame indima yawo,” kusho uMahlambi.
Uthe bazimisele ngokusebenzisana namaphoyisa kulokhu.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Mmamonnye Ngobeni ubonge amaphoyisa akulendawo ngokusheshe abophe osolwa ngokubulala umfundi.