MHLENGI SHANGASE
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo, usuzwakalise ukuthi ngeke uwunake umbiko weWorld Economic Forum (WEF) oklelise iNingizimu Afrika ekugcineni emazweni abhacazayo ekufundisweni kwe-maths nesayensi.
Umbiko okhishiwe ulibeka kunombolo 140 elaseNingizimu Afrika ngokohlelo lwezemfundo olukhona.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe abanandaba nalo mbiko ngoba owabantu abathile ababeka umbono wabo ngeNingizimu Afrika.
Uthe leli qeqebana losomabhizinisi alibathinti futhi akukho cwaningo abalwenzayo ngezwe nangohlelo lwezemfundo.
“Umbiko uyinto esingayithathi njengento ekhona ngoba oweqeqebana losomabhizinisi elisuke linombono ngemfundo. Umbono nje ongahambisani nacwaningo yinto yabo nje. Bahlala ekhoneni bakhe isithombe engqondweni sokuthi izwe kumele libe sekugcineni,” usho kanje.
Uthe ukuba basuke benze ucwaningo ngezinto abasuke bekhuluma ngazo ngabe mhlawumbe bayazihlupha ngalo mbiko.
“Into nje esingazihluphi ngayo le ngoba ifana nento engekho. Sinazo thina izinhlelo zokubona ukuthi esikwenzayo kuba yimpumelelo. Lide ibanga eselihanjiwe ukuthuthukisa ezemfundo. Asifihli uma kunezinkinga ithina esiba abokuqala ukuphumela obala sizisho lezo zinkinga,” usho kanje.
Uthe izivivinyo ezifana ne-Annual National Assessments (ANA) ngezinye zezinto ababona ngazo izinkinga.
“Umbiko we-ANA uyasho la kushoda khona nala kumele siqinise khona. Ngakho ke siyazi ukuthi izinkinga zikuphi asidingi ukutshelwa osomabhizinisi abayisa izingane zabo ezikoleni ezizimele,” kusho uMhlanga.
Ngokombiko elaseNingizimu Afrika lingunombolo 117 uma kuza ezikoleni ezine-internet libe ngu-133 uma kuza ezingeni lemfundo yamabanga aphansi.
Emfundweni yasemanyuvesi lingunombolo 93 uma kuza ezibalweni zabafundi kulezi zikhungo.
Okhulumela i-DA kwezemfundo, uNksz Annette Lovemore, uthe zishayisa ngovalo izibalo ngezwe ngoba zitshengisa ukuthi kunezinkinga ekufundisweni kwezibalo nesayensi ezikoleni.
“Asibaniki abafundi ithuba lokuthi baphumelele empilweni uma singabaniki amathuba kwezemfundo. Silanda lonke uhlobo lwama-artisan kwamanye amazwe nonjiniyela ngoba asikwazi ukuzikhiqizela abethu,” usho kanje.
I-DA ifuna uNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Angie Motshekga ( osesithombeni) asebenzise iziphakamiso zombiko wethimba elalibheka izinga lika-matric.
Ezinye zeziphakamiso zaleli thimba kwakuwukwenza imaths ibe yimpoqo kubona bonke abafundi ukuze kuliwe nokwehla kwesibalo sabafundi abenza lesi sifundo.
Muva nje uNkk Motshekga wathi usawucubungula umbiko waleli thimba.