INTATHELI YESOLEZWE
ICRICKET South Africa (CSA) isiphefumulile ngezinsolo zokuboshelwa kukaVernon Philander ngenxa yebala lakhe kumaProteas atebhekene neNew Zealand kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba e-Eden Park ngenyanga odlule.
Ibhodi yeCSA ikhiphe isitatimende ngempelasonto ngemuva kokuthi umengameli wayo, uChris Nenzani, enze ucwaningo ngohlelo olwasetshenziswa ngesikhathi kuqokwa abadlali abawu-11 okwakumele babhekane namaBlack Caps.
Ucwaningo lweCSA lwenziwe ngemuva kwenkulumo kaMike Horn obegqugquzela amaProteas ngezinkulumo ezakhayo ngesikhathi kuqhubeka iNdebe yoMhlaba lapho ephawule khona ngoLwesine olwedlule ngokugxambukela obekwenzeka kumaProteas.
Ithimba ebelenza ucwaningo lihlangane ngoLwesihlanu nesikhulu esiphezulu kuCSA, uHaroon Lorgat, umqeqeshi, uRussell Domingo, no-Andrew Hudson, inhloko yethimba labaqoki kumaProteas, ukuthola iqiniso.
Ngokocwaningo kwalandelwa imigudu efanele nejwayelekile yokuqoka iqembu okuwukuxhumana nesikhulu esiphezulu ngodaba lokuboshelwa kwabadlali abamnyama.
Okunye okuphinde kwavela wukuthi uPhilander waya kohlolwa ngodokotela beqembu ukuthi uwulungele yini umdlalo. Bathola ukuthi wayengadlala ngoba wayengumqemane. Umqeqeshi waphinde wakhuluma naye wabe eseqinisekisa ukuthi yebo ukulungele ukudlala.
UHudson, uDomingo noLorgat balimise ngesihloko elokuthi abakaze bathole ngisho nowodwa umyalelo wokuthi kufanele babophele umdlali omnyama oqhamuka kungqongqoshe wezeMidlalo, uFikile Mbalula, noma elungeni lebhodi yeCSA.
UHudosn noDomingo baphinde baqinisekisa ukuthi bayilandela yonke imigudu yokuqoka abadlali eyabekwa yibhodi ngo-2013 ephoqa ukuthi kube nabadlali abane bebala kwabangu-11 abasuke beqala umdlalo. Inhloko yabaqoki nomqeqeshi baxhumana noLorgat owakubeka kwacaca ukuthi baqoke iqembu eliqinile kodwa bangakhohlwa yindaba yokuboshelwa kwabadlali abamnyama. Bobabili baphinde bavuma ukuthi kwaba khona ukuphikisana okujwayelekile uma kuqokwa iqembu kodwa ekugcineni bavumelana ngokuthi iqembu abaliqoka laliqine ngokwanele ukwenza umsebenzi. AmaProteas agcine ehluliwe yiNew Zealand.
Abaningi basala bemangele ngesikhathi uPhilander, owayengazange adlale ngesikhathi amaProteas ebhekene neSri Lanka kuma-quarterfinal nakowokugcina wamaqoqo elakuleli elahlula kuwona i-Afghanistan, eboshelwa esikhundleni sikaKyle Abbott owayesefomini eyisimanga.
“Uma sibheka lokhu okungaphezulu nencwadi kaMike Horn yokuxolisa, kusobala ukuthi izinsolo esabhecwa ngazo ezinhlakeni ezehlukene kwabenzindaba zazingelona iqiniso. Ibhodi yeCSA igculisekile ngocwaningo nangendlela ithimba labaqoki, umqeqeshi nesikhulu esiphezulu ababophela ngayo iqembu. Sifuna ukubonga wonke umuntu ngokuba neqiniso nogqozi lokuzihlanganisa kulolu cwaningo. Ibhodi iyethemba ukuthi indaba isiphelile ngakho ngeke isaphawula ngayo,” kusho uNenzani.
Khonamanjalo, izolo iDemocratic Alliance (DA) iveze ukuthi isibhalele usihlalo we-komidi yezeMidlalo ePhalamende icela kubuyekezwe udaba lukaPhilander.