NONTUTHUKO NGUBANE
U MNDENI wowesifazane owabulawa unkosikazi wendodana yakhe ufike ushaye izikibha ezinobuso bakhe eNkantolo yaseMgungundlovu izolo.
Izolo bekubhekwe ukuthi kukhishwe isigwebo ecaleni lokubulawa kukaNkk Slindile Alphina Pearce ebelibhekene nomakoti wakwakhe uLilian Philisiwe Pearce (41) owalahlwa icala lokubulala ehambisana nowayeyinkabi uMvikelwa Khanyile (27).
IJaji uNompumelelo Radebe ukuhlehlisele uJuni 25 ukukhishwa kwesigwebo ngoba icala labo libucayi.
“INkantolo izothatha isikhathi ukucubungula isigwebo esinifanele njengoba leli cala libucayi,” kusho iJaji uRadebe.
Lesi sigameko senzeka ngo-2011 eMtubatuba, umamezala wadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ezangena ngewindi emzini wakhe.
IJaji lithe bonke ubufakazi obungaphambi kwenkantolo buveza ngokusobala ukuthi abasolwa babazana kahle futhi bakuhlela ukubulala.
Lo wesifazane ubengumabhalane kwesinye sezikole. Phakathi kwezinto ezambambisa kuleli cala incwadi ayibhalela inyanga yakhe ecela ukuba imgeze isinyama ngokubulala uninazala.
Le ncwadi yatholwa ngamaphoyisa ayephenya icala. Ibe isiqhathaniswa neminye imibhalo yakhe okutholwe ukuthi ngesakhe isandla esabhala le ncwadi.
Kuyo le ncwadi wayecele enyangeni ukuba izingane zikaninazala ‘zife’ zonke.
Inkabi kuvele ukuthi yayithenjiswe u-R15 000 kodwa yagcina isinikezwe u- R10 000 ngokubulala umamezala.
Kuvele ukuthi uKhanyile uvele udonsa iminyaka engu-18 ngelinye icala alenza. Lo wesilisa uzicelele isigwebo esincane ngommeli wakhe okhale ngokuthi unezingane ezintathu.
Okhulumela umndeni wakwaPearce uNkk Lizzy Khuzwayo, uthe bafake izikibha ukuze bekhumbule isihlobo sabo nabathe bajabule ukuthi umakoti uzojeza ngesenzo sakhe. Umndeni uthe ufuna udilikajele kulaba bobabili.