FANELESIBONGE BENGU
A BANIKAZI bezinkampani zomculo ezizimele bathi idinga ukufakelwa izibuko indaba yokuqokwa kwamaculo ancintisana eqoqweni elithathwa njengelibalulekile kumaSouth African Music Awards (Sama) leKia Record of the Year.
Bakusho lokhu ngoba bekhala ngokuthi imibandela ebekiwe manje ehambisana nokuqokwa kwabaculi yenza kungene izingoma ‘esezaphupha’ kuleli qoqo.
Enye yezingoma ezikuleli qoqo eyaduma ngo-2013 ye-Uhuru iYtjukutja.
Okhulumela amaSama uMika Chauke watshela Isolezwe ukuthi abantu bangakhathezi ngoba siyeza isikhathi sokuqokwa kwezingoma okubalwa kuzo i Call Out kaDJ Fisherman ne Koze Kuse kaDJ Merlon obekuyizingoma ebezishisa izikhotha ngoDisemba nyakenye.
Lezi zingoma aziqokwanga, ngenxa yayo imibandela yalo mqhudelwano yize abantu abaningi bebezilindele.
Nomrepha uCassper Nyovest uzwakalise ukungenami ngokungaqokwa kuleli qoqo kwengoma yakhe ethi Doc Shebeleza eyaklonyeliswa ngeyeSong of the Year kumaMetro FM Music Awards ngoFebhuwari.
I-albhamu kaCassper i Tsholofelo iqokiwe kwamanye amaqoqo.
“Sibheka kakhulu izingoma ezidlalwe kakhulu emsakazweni kusukela ngoDisemba 1, 2013 kuze kube uNovemba 30 ka-2014,” kusho uChauke.
UDemor Sikhosana ongumphathi weDemor Music umzwilili uBucie abeqopha kuyo, uthe kuyadida ukuthi kungani zingathathwa izingoma zangoDisemba ngoba amaSama aba ngo-Ephreli.
Awalo nyaka okuzoba ngaka-21 azoba seSun City, eNorth West, ngo-Ephreli 19.
“Sekuyisikhathi sokuthi kutholwe isisombululo salokhu ngoba abantu bayakhala,” kusho uDemor.
UMdu Ngcobo ongumphathi weTouch Afrika Records okuqopha kuyo uNiama Kay ongaqokwanga, uthe kuvele kuqokwe izingoma ezindala.
“Kungani besibuyisela izingoma ezindala? Kuyothi-ke ngonyaka ozayo kube yima beqoka lezi zingoma zangonyaka odlule. Sizobe sesazikhohlwa kudala. Kumele bazame ukuhambisana nesikhathi,” kusho uMdu.
UDJ Websta ongumnikazi weMpilo Entertainment uthe kusukela engakangeni emculweni akakaze awaqonde vele amaSama ukuthi asebenza kanjani.
“Kunesikhathi lapho ayeze abizwe khona ngamaSour Awards ngenxa yokungenami kwabantu ngendlela asebenza ngayo. Sisebenzisa imali eningi kusukela siqopha, simaketha futhi singenela yona le miklomelo sijike singaqokwa. Ayiyinhle leyo nto. Abantu bazozivotela kanjani izingoma asebazikhohlwa. Kumele bawenze ahambisane nesikhathi,” kusho uWebsta.
Isikhulu esiphezulu samaSama, uRefiloe Ramogase, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngalolu daba engalindele, ucela kuhlelwe kahle.
Uma uvotela izingoma ezilishumi eziqokiwe uthumela i-SMS ethi: KIA ilandelwe inombolo yeculo olithandayo ku-33123, kubiza uR150.
Kwabaqokiwe kwiKia Record of the Year kumi kanje:
KIA 1 Build It U- Monark
KIA 2 Busa- Euphonik, Bob‘Ezy & Mpumi
KIA 3 Caracara - K.O ft. Kid X
KIA 4 Congratulate- AKA
KIA 5 Easy To Love- Bucie ft. Heavy K
KIA 6 Pluto [Remember You]- DJ Clock ft. Beatenberg
KIA 7 Rafael- Beatenberg
KIA 8 Rainbow- Black Motion ft. Xoli M
KIA 9 Turn You On- Mi Casa
KIA 10 Y Tjukutja- Uhuru ft. Professor, Oskido & DJ Bucks