ZANELE MTHETHWA
UDUKUZA ebumnyameni umndeni wasoLundi ngesizathu sokudutshulwa kwendodana yawo okuthiwa ibizama ukulwa namaphoyisa abeyibophela amacala okungacaci ukuthi awani.
UWarrant Officer Bhekithemba Ngema onguyise kaMcebisi Majola (18), uthi akucaci ukuthi yimaphi amacala abefunelwa indodana yakhe okumanje isegunjini labagula kakhulu esibhedlela eGoli.
UMcebisi okuthiwa wahamba kubo oLundi ezinyangeni ezimbili ezedlule eyofuna umsebenzi eGoli, udutshulwe ngoLwesine olwedlule ngamaphoyisa.
Wangeniswa esibhedlela engakwazi nokukhuluma njengoba kuthiwa inhlamvu yangena enhlafunweni yaphuma ngokhakhayi.
UNgema uthe akakhonondi ngokudutshulwa kwendodana yakhe ngoba naye eyiphoyisa kodwa usola ukungabi khona kobulungiswa.
Uthi wahlukana nendodana yakhe iyofuna umsebenzi eGoli, yayohlala nabafowabo.
Ngesonto eledlule wathola ucingo etshelwa ukuthi uMcebisi udutshulwe ngamaphoyisa eJeppestown, eGoli.
“Ngeke ngiyiphikele ingane yize bengingazi ukuthi kukhona amacala efunelwa wona. Okungixakayo wukuthi kunesidididi ngokudutshulwa kwayo ngoba kumanje kuthiwa ivulelwe icala lokuzama ukubulala. Leli cala kuthiwa livulwe emuva kokuba uMcebisi ekhombe ngesibhamu amaphoyisa abezama ukumbopha,” kusho yena.
UNgema osebenzela esiteshini samaphoyisa eMahlabathini, uthi abebehamba naye bathi babeyothenga ukudla, uMcebisi wahamba nenye intombazane beyothenga isinkwa.
Uthe intombazane ithe kwaqhamuka amaphoyisa athi mabaphakamise izandla ebakhombe ngezibhamu, kuthiwa iphoyisa elilodwa lakhokha isibhamu maqede ladubula uMcebisi.
UNgema oseziyele mathupha esiteshini samaphoyisa eGoli, uthole ukuthi indodana yakhe yaboshwa ngamaphoyisa aseHillbrow. Utshelwe ukuthi yadutshulwa ngoba ikhiphele amaphoyisa isibhamu sethoyizi, yize abebehamba naye bethi wayengahlomile.
“Ngiyile nasesibhedlela ngoMsombuluko ngamfica esekhuluma uMcebisi wangitshela konke okwenzeka. Indlela alimele ngayo bengithi umqondo uzolahleka kodwa ukhumbula konke futhi isitatimende sakhe siyefana nesabebehamba naye. Angilwi namaphoyisa kodwa ngazi ukuthi umuntu ongeyona ingozi akadutshulwa. Kumanje akukho nokuphathekayo ukuthi ubefunelwa maphi amacala,” usho kanje.
UMcebisi okuthiwa ugadwe ngamaphoyisa wafakwa nozankosi esibhedlela, odokotela bathe kunezinsalela zenhlamvu ezibhajwe enhlafunweni, abangeke bazikhiphe ngoba kungenzeka angasindi.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Richard Munyai uthe umsolwa wadutshulwa ngamaphoyisa eTactical Response Team (TRT).
“Wadutshulwa ephuma emotweni ayehamba ngayo. Ubefuneka emacaleni amabili enzeka kwaNongoma naseThokoza,” kusho yena.