INTATHELI YESOLEZWE
I NINGI lodokotela laqale lanqaba ukusayina izincwadi ezithi uDkt Wouter Basson kumele asuswe ohlwini lodokotela ngenxa yemisebenzi yakhe ngesikhathi sobandlululo.
Lokhu okunye okuvele izolo ePitoli ngesikhathi kuqhubeka ukwethulwa kwesinqumo ngesigwebo sikaBasson. Inhlangano engamele ukusebenza kwabezempilo, iHealth Care Professions Council (HPCSA) ifuna uBasson ongudokotela wenhliziyo aphendule ngeqhaza lakhe ekukhiqizweni kwamakhemikhali ayesetshenziswa ukubulala abantu ngesikhathi sobandlululo.
Epheka isishoshovu sezempilo uMnuz Mark Heywood ummeli kaBasson u-Advocate Jaap Cilliers, ubalule ukuthi kusayine odokotela abangu-230 kwabangu-39 000 encwadini ecela ukuthi kususwe uBasson ohlwini lodokotela.
UCilliers uthe isibalo sodokotela abasayine le ncwadi sincane kakhulu futhi asibalulekile.
UHeywood ongumqondisi enhlanganweni esesigabeni sika- 27 ngokomthetho-sisekelo wezwe, uthe uyazi ukuthi sincane kakhulu isibalo sodokotela abangu-230 kwabangu-39 000. Uphinde wakucacisa ukuthi iningi lodokotela abasayine le ncwadi odokotela nabacwaningi abahlonishwa kakhulu eNingizimu Afrika.
“Ukuhlawumbisela sithi ababalulekile kungayiphutha elikhulu futhi kungakhombisa ukungabahloniphi,” kusho uHeywood.
Uthe uma uCilliers ecacisa ukuthi ubeqondise esibalweni uHeywood wathi yena amagama abalulekile nokuyiwo abekhuluma ngawo.
UHeywood uthe ukuphakamisa ukuthi iningi lodokotela alizange lisayine ngoba lingafuni akulona iqiniso. Uthe odokotela abazange basayine ngenxa yezizathu ezahlukene ezaziwa yibo.
Uthe olunye lwalezi zinhlaka luhlanganisa odokotela nabacwaningi bakuleli.
Ngokusho kwakhe odokotela bangaphansi kwe-HPCSA.
Kulaba ubale umcwaningi, uSolwazi Salim Abdool Karim wenhlangano yocwaningo iCentre for Aids Programme of Research in SA (Caprisa) nabanye.
Ukulalelwa kwesinqumo ngokugwetshwa kukaBasson kuqale ngoLwesithathu. NgoDisemba wangonyaka odlule i-HPCSA imthole enecala ngenxa yeqhaza alibamba ekwakheni amakhemikhali.