MINENHLE MKHIZE
UMGADLI omusha we-Orlando Pirates uTendai Ndoro ubhekene nomqansa wokuqeda isinyama sokushaya udaka kwabagadli bangaphandle abasayiniswe eZimnyama kula masizini adlule.
UNdoro odabuka eZimbabwe usanda kusayina inkontileka yeminyaka emithathu kuPirates.
Lo mgadli obegijima kuMpumalanga Black Aces uhlalelwe yijoka lokucima umlando omubi wabagadli bangaphandle abasayiniswa yePirates bethwelwe ngeqoma ukuthi bazohlohla inqwaba yamagoli kodwa bahluleke wukwenza lokho.
Kumasizini adlule iPirates isizame inqwaba yabagadli bangaphandle kodwa cishe bonke bayahluleka wukubhakuzisa inethi. Ilande oBoubacar Talatou waseNiger, Ezenwa Otorongu waseNigeria, Chiukepo Msowoya waseMalawi noRalph Matema waseZimbabwe.
Kulaba bagadli abane basemazweni angaphandle akekho ofike kuleli qembu wazakhele ugazi kubathandi balo. UTalatou wagcina ephelele kuThanda Royal Zulu egijima kuNational First Division (NFD) kulandela ukuchithwa yiBucs kathi uMsowoya wabolekiswa kuPlatinum Stars nakuyona wafika wahluleka ukuhlohla amagoli.
UMatema useyibamba kuWitbank Spurs edlala kuNFD kanti u-Otorongu sewabuyela kwelakubo. Abanye abagadli bangaphandle abashaye into ephansi kuPirates nguGilbert Mushangazhike noTakesure Chinyama.
UNdoro umelwe yijoka lokucima wonke lo mlando omubi.
UCollins “Ntofontofo” Mbesume uyale uNdoro abedlala naye ngesizini edlule ngokuthi abekezele kweZimnyama ngoba ngeke kube lula. UNtofonto useke wayibamba kuBucs phambilini.
“Kufanele abekezele ngoba uyobanga ijezi nabagadli abaseqophelweni eliphezulu. Uma ethola elakhe ithuba uzowashaya amagoli. Ungumgadli osezingeni eliphezulu futhi uzofike angene khaxa esitayeleni sePirates. Angingabazi ukuthi uma enikwe ithuba elanele lokuziveza uzowashaya amagoli.”
Nokho ngaphambi kokuthi athole ithuba lokucima umlando omubi kuzofanele aqale antshontshe ijezi koKermit Erasmus, Lehlohonolo “Major” Majoro nakoThamsanqa “Manenzeh” Gabuza.
UGabuza usefomini enhle kwazise naseqenjini lesizwe lakuleli akasali kusukela ebizwe ukuzovala isikhala sikaTokelo Rantie ongazange awudlale umdlalo weBafana Bafana neGambia wokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seGabon ngo-2017.
U-Erasmus naye usefomini okufakazelwa wukubalwa kwakhe nabagadli asebeshaye amagoli amaningi kuCaf Confederation Cup. Lo mgadli okunemibiko ethi ugaqelwe yiZamalek useqobele enethini amagoli amane kulo mqhudelwano osesigabeni samaqoqo.
Umgadli wangaphandle owagcina ukunyakazisa izitobha zezitha edlubhe ijezi leBucs nguDennis “Chesa Mpama” Lota waseZambia futhi ongasekho emhlabeni. ULota wayengalibheki inethi.
KuPirates wahlohla amagoli angu-36 emidlalweni engu-100. ULota wadlala kuPirates amasizini amane. IBucs izovula neSuperSport United emidlalweni ye-Absa Premiership bese kuMTN 8 idudulane ne-Ajax Cape Town e-Orlando Stadium.