BONISWA MOHALE
Y IZE isikhathi sikaKhisimusi siza nenjabulo nabantu bekhithiza ngapha nangapha abakwa-Nedbank bathi namaqola agebhile emabhange nasezitolo afuna ukweba imali.
Ngokusho kuka-Deon Louw oyiNhloko yoPhiko lwezokukhwabanisa eNedbank, izigebengu azisathathi ukheshi esandleni kodwa sezithatha imininingwane emakhadini abantu ukuze zibaqole yonke imali yabo.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu baqaphele uma beyosebenzisa ama-ATM, kwazise izigebengu zifaka imishini ethatha yonke imininingwa-ne yabantu bese zizakhela awazo ukuze ziyokhipha imali yomuntu.
“Izigebengu ziza nezindlela ezintsha zokuqola abantu minyaka yonke, kubalulekile ukuthi umphakathi uqaphele uma usebenzisa ama-ATM ngoba ucwaningo lweSouth African Banking Risk Information Centre, luveza ukuthi amaphoyisa athathe imishini yokwenza amakhadi omkokotelo engu-1 377 okuqolwa ngayo abantu. Abantu sicela bagade ngoba amacala amaningi enzeka eGauteng lapho kubikwe ukuthi izinga lokukokotela amakhadi liku-38%, KwaZulu-Natal 13% kugcine iWestern Cape ngo-9%,” kusho uLouw.
Uthe abantu kumele basebenzise amakhadi anesikhala esisagolide (chip) okuyisona esivimba ukukhwabanisa.
“Uma abantu benamakhadi anama-chip akulula ukuthi izigebengu zithathe imininingwane yabo. Kuthi uma kwenzekile ibhange lisheshe libone ukuthi kunemali ephumayo noma liyasetshenziswa uma kuthengwa. Abantu kumele baqaphele uma bekhipha imali kuma-ATM benze isiqiniseko sokuthi ayakhanya futhi asendaweni ephephile. Uma bebona imishini engajwayelekile yokufaka amakhadi basheshe babaleke,” kusho uLouw.
Usizo alucelwa kunoma ngubani ngoba ngokukaLouw maningi amaqola azozama ukukusiza kanti aseba ikhadi lakho.
Uma usesitolo uLouw uthe kubalulekile ukuthi uwubone umshini okufakwa kuwo ikhadi, uma uthenga ngalo kwazise abanye baqale balifake kweyabo ukuze bathathe imininingwane yamakhasimende kanti uma usobala umshini kulula ukubona umuntu ogangayo.
Abantu abangenawo ama-sms abatshelayo uma imali ingena noma iphuma ebhange uLouw uthe kuyingozi ngoba bayoze babone sekwedlule isikhathi, ngakho kufanele wonke umuntu abe nama-sms amtshelayo ukuthi kwenzekani kwi-akhawunti yakhe ukuze asheshe azise abasebhange.
Uphethe ngokuthi abantu bangalokothi bathenge impahla ezitolo ze-internet ezingaziwa ngoba kulula ukuthi baqolwe, kungcono basebenzise ezaziwayo futhi ezibatshelayo uma impahla isidayisiwe.
Uthe yize abantu abaningi bethanda ukusebenzisa ukheshi kodwa indlela ephephile yokuthenga yikhadi futhi ubuchwepheshe besimanje benza kube lula ukusheshe ubone uma kukhona abakuqolayo.