MINENHLE MKHIZE
A MAZULU abambe umoya ngabadlali bawo abasha abangase bangabonakali ngeSonto ngo-3.30 ntambama uma esebhekene neVasco Da Gama emdlalweni weNational First Division (NFD) ozoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini.
Usuthu lusayinise uSiyabonga “Bhele” Nomvete, obegijima kuMoroka Swallows, Sibusiso “Mpasha” Hadebe, obeyibamba kuPlatinum Stars, noZaid Patel, obedlala kuCape Town All Stars.
Nokho bonke laba badlali babhekene nezinkinga ezehlukene ezingase zenze bangabonakali ngeSonto eMagogo ngokusho kukaSteve Barker ocija Usuthu.
“Kunabadlali abasha esibasayinisile kodwa njengamanje asikabi naso isiqiniseko sokuthi yibaphi abangase badlale. Silinde izinto ezehlukahlukene kubona bonke. UNomvete sisalinde amaphepha akhe amkhulula kuSwallows ukuthi ajoyine iqembu alithandayo. NakuuTahir Ganga yisimo esifanayo, silinde iqembu lakhe ukuthi lidedele amaphepha akhe. UZaid Patel ngikhuluma nje ukwiDispute Resolution Chamber lapho kuyoxoxwa indaba yakhe yokuthi abhaliswe ngokusemthethweni. USibusiso Hadebe yena konke okwakhe kuqondile ngoba udlalile ngempelasonto,” kusho uBarker.
Ngempelasonto Usuthu luthelwe othulini yiBaroka FC ngo 2-0 ekuhambeni. Okhulumela uSuthu, uNhlanhla Mkhathini, uthe selushintshile uhlelo lokuya enkundleni kubalandeli abanamathikithi. Amabhasi ngeke abe khona futhi umuntu uzozikhokhela esitimeleni noma kungathiwa unalo ithikithi lokungena enkundleni.
“Asinabo abadlali abalimele. Bonke bayaphila . UPatel, osabheke ukuthi aqale alungise indaba yakhe yokubhaliswa kuPSL, useluleme ngokugcwele.
“Ujimile neqembu kuzo zonke lezi zinsuku. Uma indaba yakhe yokubhaliswa ilunga kungenzeka angene esuka ebhentshini. Omunye umdlali okusenzima ukumbhalisa nguSammy Dafoe (waseGhana). Udaba lwakhe lunzima kakhulu njengoba engowangaphandle,” kusho uBarker.
Usuthu, olugawulwe yizembe ngesizini edlule, luhlezi endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-19 emidlalweni ewu-14.
“Kuyinto enhle nekhuthazayo ukuthi iqembu likhombisa intshisekelo yokunyukela esigabeni esikhulu ngokufaka imali eningi ekutheni kusayiniswe abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Sidumele ngesibalo samaphuzu esisasiqoqile.
“Sizenzele phansi. Akumele ngabe silapha esikhona. Ngiyakholwa wukuthi abadlali abasha bazokwenza umehluko. Mina angikhathazekile ngomsebenzi wami kodwa ngidumele ngendawo esikuyona. Asikafiki ezingeni lethu njengeqembu. Sesiphelile isikhathi sokukhuluma kumele siwine imidlalo okuzosinika amaphuzu,” kusho uBarker.
Imidlalo yeNFD:
Kusasa: Cape Town All Stars v Thanda Royal Zulu FC (Athlone Stadium, 3.30pm)
NgoMgqibelo: Black Leopards v Royal Eagles (Thohoyandou Stadium, 3.30pm); FC Cape Town v Witbank Spurs (NNK Rugby Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Baroka (Makhulong Stadium, 3.30pm)
NgeSonto: AmaZulu v Vasco Da Gama (Princess Magogo Stadium); Milano United v Moroka Swallows (Athlone Stadium); Mbombela United v Santos (Kanyamazane Stadium); Mthatha v African Warriors (Mthatha Stadium)