Abakahulumeni bazozuza esivumelwaneni

Comment on this story

MHLENGI SHANGASE

KUNINGI abasebenzi bakahulumeni abazokuhlomula esivumelwaneni sokukhuphula amaholo ngaphandle kuka-7% okunyuswe ngawo amaholo nemali yoxhaso lwezezindlu.

Kusuka ngoJanuwari 1, ngonyaka ozayo abasebenzi abakhulelwe sebezothola izinsuku eziyisishagalombili zelivu i-pre natal etholwa ngabakhulelwe abazoyisebenzisa ukubonana nodokotela.

Le livu ayihlangene naleyo yezinyanga ezintathu umsebenzi ayithathayo uma esehleli ekhaya kodwa le uyithatha nje esabonana nodokotela bemhlola bethatha negazi.

UMnuz Allen Thompson, weNatu engaphansi kwezinyuyana i-Independent Labour Caucus, uthe le livu izosiza kakhulu ngoba ubuthola ukuthi abasebenzi kudingeka bathathe elivini yokugula uma kumele bayobonana nodokotela.

Uthe kuzoba lula ngoba umsebenzi uzokwazi ukuthi unezinsuku nje ezihleli azozithatha ukuyobonana nodokotela ngoba uthola ukuthi kwesinye isikhathi umbona kabili noma kathathu ngesonto.

Ngokwalesi sivumelwano umsebenzi angayisebenzisa yonke le livu kodwa kumele kube nobufakazi bokuthi ngempela ubeyobonana nodokotela.

“Akukhona kuphela lokhu abasebenzi abazohlomula ngakho njengoba nelivu eyisipesheli oyithatha ukuyolungisa izinto ekhaya isizoba yizinsuku ezinhlanu. Le livu ibiyizinsuku ezintathu kanti ingathathwa uma kuzalwe ingane, kushone ingane noma othandana naye noma uma begula,” usho kanje.

Enye yezinto ngukuthi abasebenzi abanesikhathi besebenza bazothola imihlomulo nezitifiketi ngeminyaka yabo asebeyisebenzile.

Abasebenzi abaneminyaka eyishumi besebenza bazokwandiselwa izinsuku zelivu zisuke kwezingu-26 ziye kwezingu-30 ngonyaka nesitifiketi.

Abaneminyaka engu-20 besebenza bazothola isitifiketi nokheshi ongu-R7 500, kuthi abaneminyaka engu-30 besebenza bathole izitifiketi no-R15 000, engu-40 u-R40 000 nesitifiketi.

Kuzonyuswa nemihlomulo yokusebenza ebusuku kanti nalabo abazithuthukisile kwezemfundo bazohlonyuliswa.

Nabasebenzi abathatha umhlalaphansi kuzosheshiswa uhlelo lokuthi bathole impesheni yabo ingakapheli inyanga beshiyile.

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi umsebenzi usethathe umhlalaphansi kuphele izinyanga kwesinye isikhathi unyaka engayitholi imali yakhe. Abanye baze badlelwe izimoto nemizi ngoba bengayitholi imali kanti manje ngokwesivumelwano bazokhokhelwa zingakapheli izinsuku ezingu-30,” usho kanje.

Isitatimende esikhishwe nguMnyango weziSebenzi zikahulumeni nokuPhatha, oholwa nguNksz Lindiwe Sisulu, sithe lesi sivumelwano eseminyaka emithathu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.