ZANELE MTHETHWA
O MUNYE wabafundi abangu-2 089 baKwaZulu-Natal ababesolwa ngokukopela uGrade 12 ngo-2014, useqale phansi uGrade 11 ezama ukuqhubeka nempilo njengoba ethi akucaci ngekusasa labo.
Lo mfundi oneminyaka engu-21 obefunda kwesinye sezikole eNkandla, uthe usengenza noma yini ukuze athole imiphumela kaGrade 12 ukuze aqhubeke nempilo.
Ngesikhathi ebhala izivivinyo zika-2014 wayesafake isicelo sokuyofundela ubuthisha e-University of Zululand kodwa amaphupho aseyashabalala.
Echaza lo mfundi obenza izifundo zakwaCommerce uthe babizwa bonke esikoleni ngoJanuwari wonyaka odlule batshelwa ukuthi kukhona abasolwa ngokukopela.
“Uthishomkhulu wathi kumele sibhale izincwadi sichaze ukuthi kwenzekani ngesikhathi sibhala.
“NgoJuni sabizelwa ekomitini lomnyango wezemfundo siphenywa ngokukopela. Mina ngangisolwa ngokukopela i-Accounting abanye besolwa kwi-English.
“NgoMashi sabhala izivivinyo saphinda ngoNovemba sekubhala bonke omatric. Saba nethemba ukuthi sizoyithola imiphumela kodwa namanje kumnyama,” kuchaza yena.
Uthe wagcina ethole isitatimende esinezifundo ezimbili kuphela wangayithola incazelo ngezinye.
Esikhundleni sokubhuquza ekhaya kulo nyaka uncamele ukubuyela esikoleni eyokwenza uGrade 11.
Uphindele kusona isikole abevele efunda kuso kodwa nakhona usephele amandla njengoba uthishanhloko emtshele ukuthi uzimoshela isikhathi.
“Bengithemba ukuthi uma ngiqala kwaGrade 11 ngizokwazi ukugcina ngithole imiphumela ku-matric ngiqhubeke enyuvesi.
“Abazali bami sebevele bathi angibuyele ekhaya ngoba kusho ukuthi ngifundela amahhala ngokusho kukathishanhloko. Lesi simo siphethe kabi nabazali ngoba kukhona nomunye udadewethu ebesifunda naye ngo-2014 naye ongayitholanga imiphumela ngenxa yokukopela.
“Umama ubethi mhlawumbe kungcono ngibuyele kwaGrade 10 kodwa iminyaka iyahamba nakimina,” usho kanje.
Ukhala esifanayo nomunye umfundi obefunda eNkandla naye osabhuquza ekhaya.
Uthi usengenza noma yini ukuze athole imiphumela. Uthe mabebuza uthishanhloko akazi lutho njengoba naye ethi udaba luphethwe umnyango.
Lo mfundi wayezimisele ngokufundela ubuhlengikazi, uthi kungcono ukuthi bajeziswe bese benikezwa elinye ithuba.
Ubona sengathi kuhlukumezeka bona kakhulu kunothisha abasolwa ngokukopelisa.
Yaba sematheni indaba yokukopela kwabafundi ngo-2014 okwathiwa kuthinteka othisha nothishanhloko abangu-34 esifundazweni nase-Eastern Cape.
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uNkk Peggy Nkonyeni wazwakalisa ukuphoxeka ngalesi senzo, wathembisa ukuthi bazoqinisekisa ukuthi abathintekayo bathola isifundo.
Okhulumela ungqongqoshe, uMnuz Scelo Khuzwayo uthe bonke abafundi ababethinteka selwaxazululwa udaba lwabo.
“Abafundi abazikhethela ukubhala kabusha bayithola imiphumela. Abangayitholanga kumele baxhumane nothishanhloko babo,” usho kanje.