AbakwaMpisane bakhala ngezimfamona

Comment on this story
no abakwampisane INLSA USBU Mpisane nonkosikazi wakhe uShauwn bathi izimfamona zifuna ukubacekela phansi ngoba bengosomabhizinisi abamnyama abaphumelele. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

AGIZA HLONGWANE noNATHI OLIFANT

OSOMABHIZINISI baseThekwini uMnuz Sbu Mpisane nenkosikazi yakhe uNkk Shauwn bakhala ngokuthi bathwele kanzima ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo ngoba bengosomabhizinisi abamnyama abacindezelwa ngozakwabo bezinkampani ezimhlophe abanomona ngempumelelo yabo.

Lokhu abakwaMpisane bakusho ngesikhathi benengxoxo ekhethekile nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, i-Sunday Tribune ngempelasonto lapho bebegonyuluka ngezinkinga ezibagubuzele zezinkantolo.

Baphinde bakhala ngokuthi kunabathile abafuna ukubacekela phansi ngoba bengafuni ukubona umuntu omnyama edlondlobala kwezamabhizinisi abaziwa njengawabamhlophe.

Laba abashadile abadume ngokuphila impilo ephezulu, bakhale ngokuthi sekukhona abathile abasebenzisa izinhlaka zombuso budedengu ngoba befuna ukubacekela phansi.

USbu nowakwakhe uShauwn bathi sekubami emphinjeni lokhu okwenzekayo, ngakho sekuyisikhathi sokuthi kuphele manje.

UShauwn uthe sekuyiminyaka emihlanu bethwele isiphambano senzondo yezimfamona ezisembonini yezokwakha.

Uthe indlela abadicilelwa ngayo phansi ihlelwe kahle futhi kwenziwa isiqiniseko sokuthi kubhecwa igama labo lingcole bese behlaselwa ngezinhlaka zomthetho.

UMnuz Mpisane uthe ukungcoliswa kwegama labo kwenzelwa ukuthi baqale bazondwe ngamalungu omphakathi kuqala ababuke kabi ngaphambi kokuba labo abahlose ukubenza isilo sengubo bazenzele lokho abakufunayo bengasesekwa muntu omnyama.

Selokhu kuqale izidubedube zokudlelwa impahla nezimoto uMpisane, uthe bazizwa bephatheke kabi emphefumulweni futhi injabulo yinto abangasayazi.

AbakwaMpisane bathe ukube usizi ababhekene nalo beluqondene nomuntu omhlophe ngabe i-DA noma i-Afriforum isiqalile ukubuza imibuzo yokuthi kungani kusetshenziswa kabi izinhlaka zombuso ngendlela engafanele yokuba kulandelwe labo abayizitha zabathile abasemandleni.

Mayelana nebhodi elikhipha izitifiketi ezinkampanini zokwakha kuleli, i-Construction Industry Development Board, abakwaMpisane bathe indlela elisebenza ngayo kubukeka sengathi likhetha iphela emasini.

“Sazi osonkontileka abenza amaphutha ngesikhathi benikezela ngemininingwane yabo kuleli bhodi kodwa bahlawuliswa cishe u-R20 000 base beyekwa ukuze baqhubeke basebenze. Kodwa uma kuza kithi kuyaqinisekiswa ukuthi siyahlazeka siya nasezinkantolo. Ngisho ungenza nje iphutha elingatheni njengokushiya inombolo eyodwa kamazisi wakho kusuka enkulu indaba kube ngathi ubusukhwabanisa,” kuzikhalela uMpisane.

Muva nje uMpisane uthe kusanda kuqubuka izigameko lapho kuvele khona ukuthi izinkampani ezinkulu ezilawulwa ngongxiwankulu zibiza kakhulu kunalokho okumele ngabe zibiza khona kodwa kuze kube manje akekho oboshiwe noma osedlelwe impahla.

Uthe ukube yibo laba abathintekayo ngabe sebebuya phakathi ejele.

Ephetha uMpisane uthe abasakutholi ukuphumula benomkakhe ngenxa yecala umbuso obabeke lona.

“Sinxusa ukuthi izinhlaka zikahulumeni zisheshe ziqede ngathi ukuze sazi ukuthi siyacwila noma kwenzekani ngoba sesikhathele ukulokhu sihlukunyezwa ngale ndlela. Sifuna ukuqhubeka nempilo yethu nathi manje njengawo wonke umuntu.”


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.