Abalandeli bafake elakuleli ehlazweni

Comment on this story
no Copy of ST zambia attack Supplied UNOZINTI weZambia, uKennedy Mweene, ubexilongwa ngemuva kokulimala ngesikhathi kuhlaselwa ibhasi ebelihamba abadlali baleli qembu emuva komdlalo walo neBafana Bafana ngoLwesithathu. Isithombe: SITHUNYELWE

SIMPHIWE NDWANDWE neSAPA

SIGXEKWE macala onke isigameko sokushaywa ngamatshe kwebhasi ebelithwele abadlali beqembu lesizwe laseZambia ngemuva komdlalo walo neBafana Bafana ophele kudliwa iqembu lakuleli ngo 1-0 kuthangi ebusuku eSoccer City, eGoli.

Inhlangano esingethe ibhola kuleli i-South African Football Association (Safa) izolo ikhiphe isitatimende lapho isigxeke kakhulu lesi senzo esingajwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika.

Kusolwa ukuthi abafana ababili bathukuthele bagana unwabu ngemuva kokudliwa kweBafana Bafana base becosha amatshe bajikijela ibhasi ebelihamba abadlali beZambia, kwaphahlaka iwindi kanti unozinti waleli qembu elaziwa ngeChipolopolo uKennedy Mweene ulimale ekhanda kwaze kwadingeka ukuthi athungwe inxeba.

UMengameli weSafa, uMnuz Kirsten Nematandani, kuthiwa udlulise ukuxolisa okukhulu eZambia ngalesi sigameko okungangatshazwa ukuthi sifake ibhola lakuleli ehlazweni.

UNematandani uthe ukhulumile noMengameli wenhlangano esingethe ibhola yaseZambia uMnuz Kalusha Bwalya lapho ebemncenga khona ekutheni akwemukele ukuthi ukuhlaselwa kweqembu ngoLwesithathu yinto nje ebe yisulubezi kodwa engachazi ukuthi iNingizimu Afrika isiyisidleke +samahlongandlebe ebholeni.

Uthe ubuhlobo babo neZambia buhamba ibanga elide eledlula ngisho ubungani ababakhe emdlalweni webhola kule minyaka eyedlule.

Eqhubeka nokuzwakalisa ukuphoxeka uNematandani uthe igama laleli lizwe neleSafa kuthelwe ngodaka olunukayo ngenxa yalesi sigameko.

Ugcizelele ukuthi abafuni ukuthi kubuye kuphinde kube khona okuthi khwasha kuhlaze ezemidlalo kuleli lizwe esikhathini esizayo.

Khonamanjalo, Isikhulu esiphezulu sabahlelela imidlalo ye-Afcon ezodlalelwa kuleli ngoJanuwari wonyaka ozayo, uMnuz Mvuzo Mbebe, ukuchithile ukuthi okwenzeke eSoccer City kuzodala inkinga emaqenjini azodlala kweye-Afcon.

Uthe amalungiselelo emidlalo ahamba ngesinono sekati futhi konke kumi ngomumo. “Abalandeli bebhola bakuleli bayaziwa ukuthi abaziphathi ngale ndlela, uma iqembu lesizwe lidliwe bayakwazi ukugwinya itshe bemukele isimo,” kusho uMbebe.

Uthe bakhungathekile ngoba elakuleli selisingathe imiqhudelwano eyehlukene kuhlanganisa neNdebe yoMhlaba yebhola eyagcina ithathwe yi-Spain ngo-2010 eyaba yimpumelelo.

Izolo amaphoyisa aseGoli athe abafana baboshiwe kodwa babuye badedelwa. Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Neville Malila, uthe basathungatha abanye ababili abajikijele amatshe ebhasini maqede bacela empunzini. Ukuqinisekisile ukuthi kuphahlazeke iwindi elilodwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.