BAZOHLOMULA ngengqayizivele yethuba lokuqeqeshwa yiManchester United abadlali abane baKwaZulu-Natal. Leli qembu elingelinye lahamba phambili emhlabeni lizovakashela eNingizimu Afrika.

I-United izogadulisana naMaZulu ngoJulayi 18 emdlalweni weMTN Football Invitational eMoses Mabhida Stadium, eThekwini nokuyingxenye yokugubha iminyaka engu-80 uSuthu lwaba khona. Nokho akubona kuphela abadlali bamaqembu womabili abazothokozela le ndumezulu yomdlalo njengoba i-United izophinde icobelele ngolwazi olunzulu lwebhola kubadlali abane abaneminyaka ephakathi kuka-14 no-17 (amantombazane amabili nabafana ababili) ezinkundleni zemidlalo eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngoJulayi 19 emncintiswaneni owaziwa ngele-Manchester United Soccer School.

Leli thuba lizotholwa ngabazophumelela kulo mncintiswano oqala namuhla nalapho kufanele umfundi agcwalise imininingwane yakhe ukuze azibeke ethubeni.

Ngaphandle komthetho oqinile weminyaka, kufanele kube ngabantu abasalidlala ibhola futhi kungabi ngabadlalela AmaZulu. Ngaphezu kwalokho kufanele bazihlinzeke ngezinto zokuhamba nezinto zokudlala.

Abazophumelela bazochitha isikhathi nethimba labaqeqeshi beManchester eliholwa wuqweqwe lomqeqeshi uSir Alex Ferguson becijwa ngezindlela leli qembu elibhubhisa ngayo amaqembu ku-English Premiership. IManchester ingelinye lamaqembu ahamba phambili ngokukhiqiza abadlali okubalwa nesethenjwa seReal Madrid uChristiano Ronaldo noWayne Rooney abafika besebancane e-Old Trafford. Lokhu kuqeqeshwa kuhlelwe ngendlela yokuthi umdlali akujabulele nokwenza kungene kalula engqondweni futhi kumgqugquzele. Ngaphezu kwalokho kuzogxilwa endleleni yokuziphatha.