UMENGAMELI weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi unxuse ukuba iphele indaba yamakhempu enhlanganweni yakhe njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba.
Encwadini ayibhalile uNkk Magwaza-Msibi ifundwe kwi-rally iSibuyule ehholo lomphakathi KwaDukuza ngusihlalo esifundazweni uMnuz Vikizitha Mlotshwa. OKaMagwaza uthe njengoba kuyiwa okhethweni kumele kuqikelelwe kungakhethwa abantu abazobuye babulale iqembu.
Uxwayise ngokuthi kuyenzeka ukuthi abagibeli bagibele itekisi kodwa bagcine bengafikanga lapho beya khona ngenxa yomshayeli osuke ejahe imali.
“Yingakho namuhla iNFP izithola ikulesi simo ekuso. Sakhetha abaholi sababeka ezikhundleni ngoba sasithemba ukuthi bazosiyisa lapho sifuna khona kodwa basiholela enhlekeleleni. Akumele siphinde okufanayo uma sesikhetha abaholi abasha. Ngiyaninxusa ukuthi nisebenzise le rally ukuze nenze isisekelo esiqinile sokubumba iNFP nihlale nikhumbula njalo ukuthi iNFP eqinile iyinhlangano engcono,” kusho uNkk Magwaza-Msibi.
Uthe lesi yisikhathi esinzima emlandweni weNFP.
UNkk Magwaza-Msibi uthe kumele baqaphele indaba yokusebenzisa imali kuhlukaniswa iqembu, wengeza ngokuthi lokhu ngenye yezinto ezimkhathazayo.
Uthe kumphatha kabi ukuthi kukhona abakhuluma kabi ngesimo sempilo yakhe.
“Okungiphatha kabi ukuthi akukhulumi kuphela labo esiphikisana nabo ngokwezepolitiki, kukhona nabangaphakathi ezinhlakeni zeqembu abakhuluma imibhinqo, abanye basho nokusho ukuthi iqembu ngilihola ngilele embedeni,” kusho uNkk Magwaza-Msibi.
Uthe le ngqungquthela izofika ngesikhathi lapho iqembu libhekene nezingqinamba ebezingagcina inhlangano ziyishaye phansi uma bezingasingathwanga ngobunono.
Ubonge abaholi ababize le rally wathi ubelokhu esho kubaholi ukuthi ababize umbuthano lapho bezobikela khona amalungu abo ngemuva kwensumansumane yokungalungeneli ukhetho.
Uthe usamile ekutheni labo abanesandla ekutheni iqembu lingalungeneli ukhetho kumele bajeze kanzima ngesenzo sabo.
UNkk Magwaza-Msibi uthe ukudala udungunyane enhlanganweni yicala elibi wengeza ngokuthi kuyamkhathaza ukuthi kunabaholi abanesibindi abakhuluma nabenzindaba bazivikele ngokuthi iqembu alilingenelanga ukhetho ngenxa yabo.
UMlotshwa uthe inhloso yale rally bekuwukugqugquzela amalungu abo ukuthi lisekhona iqembu yize lihlulekile ukungenela ukhetho.
Uthe bewubuholi besifundazwe bayakuseka ukumiswa kwabaholi abathathu abaphezulu oMnuz Maliyakhe Shelembe obengusihlalo, ishini lakhe uMnuz Scelo Mabika nonobhala-jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa ngokwenzela phansi iqembu.