KUPHAZAMISEKE ukufunda kwesinye sezikole eThekwini, iSastri College, izolo ekuseni ngemuva kokuba abafundi beqhinqe ngaphandle bekhala ngokucwaswa ngokwebala.
Abafundi bebephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi #Afromustrise nezinye ebezinombhalo ohunyushwa ngokuthi izinwele zabo zendalo zadalwa nguNkulunkulu.
Kule mibhalo bekuvela nokuthi bafuna ukuba nezinwele zabo zemvelo abathi lesi sikole asibavumeli ukuba bazidedele.
Kwenzeka lokhu nje ngeledlule kuphazamiseke ukufunda esikoleni samantombazane iQueensburgh Girls bekhala ngokufanayo.
Lesi sigameko silandela esabafundi basePretoria High School for Girls abebekhononda ngemithetho yesikole engabavumeli ukuthi bafike nezihluthu.
Isolezwe lifike kulesi sikole abafundi, abafana namantombazane, abaningi babo abamnyama beshaya phansi ngonyawo bethi ngeke bangene esikoleni kungakapheli ukucwaswa. Abafundi abakhulume ne Solezwe amagama abo agodliwe bathe sekunesikhathi bekhala esikoleni ngodaba lwezinwele nokucwaswa kodwa kungenziwa lutho.
“Siyaphoqwa ukuba sifake imithi eqothula izinwele zethu. Uma uvule izinwele zakho kuthiwa awuhlanzekile. Imiyeko abayifuni bathi ungathi unguskhotheni. Kuyasidida ngoba yizinwele zethu zemvelo lezi,” kusho umfundi.
Omunye umfundi uthe waphoqwa ukuba agude imiyeko ngoba ingavumelekile esikoleni.
“Kumele unike isizathu esibhalwe phansi uma ufuna ukuba nemiyeko. Mina bangigundisa eyami bathi anginaso isizathu esizwakalayo sokuba nemiyeko,” kusho umfundi wesifazane.
Abafana nabo bayathinteka njengoba kuvele ukuthi abavumelekile ukugunda izinwele zingalingani noma bazikhulise.
Intshebe nayo bathe iyagundwa kulesi sikole kodwa ezinye izinhlanga uma zikhala ngosiko lwazo ziyayekwa zikhulise intshebe.
“Omunye umfundi kaGrade 11 kuthiwe uzomiswa esikoleni namhlanje (izolo) ngoba egunde izinwele zakhe zangalingana. Okubuhlungu wukuthi ezinye izinhlanga ziyakwenza ngaphandle kwenkinga. Sifuna ukufana nabanye abafundi singacwaswa ngoba simnyama,” kubeka umfundi.
Abafundi bathe bayazi ukuthi bazobhala maduze kodwa indlela abaphathwa ngayo bafuna ilunge.
“Kungani kumele kuphazamise ukufunda kwami ukuthi ngenzeni ekhanda lami? Ukuba nemiyeko akusho ukuthi ngizohlulwa wukufunda,” kusho umfundi ecweba izinyembezi.
Kuthintwa isikole ngalesi sigameko, iphini likathishanhloko elizibize ngoMnuz Rajcumar (lanqaba negama) lithe lesi simo basilungisile.
“Esikoleni sethu bekuvumelekile ukwenza zonke izitayela ikakhulukazi sezinwele ezixhunyiwe. Abafundi bagcine sebenza noma yikanjani bafake nemibalabala ekhanda. Ngo-2014 isigungu esilawula isikole sibe sesivumelana ngokuthi izinwele ezixhunyiwe azingabe zisafakwa. Izinwele zemvelo zivumelekile esikoleni, nemiyeko ngokunjalo,” kusho uRajcumar.
Abafundi bathe lokhu akulona iqiniso njengoba sebeke baqaqiswa imiyeko nezinwele zemvelo kwathiwa azihlelekile.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo uthe bebengakaziswa ngokwenzekile kodwa bayakugxeka ukuphazamiseka kokufunda.
“Siyakwamukela ukukhala kwabafundi futhi kunezindlela ezifanele abangakhala ngazo. Esikugxekayo ngukumiswa kokufunda njengoba sebezobhala izivivinyo zikaSepthemba. Udaba lokucwaswa kwabafundi sizolulandela ukuze sithole isixazululo,” kusho uKhuzwayo.
Abafundi bathe babatshelile abazali babo ukuthi bazomisa ukufunda ngenxa yokuhlukumezeka kwabo.