Abaphumeli obala ngekusasa likaCele

Comment on this story
NO_cele zuma0 . UMENGAMELI Jacob Zuma noMkhuzi wamaphoyisa osamisiwe, uBheki Cele, bahlangane ngoLwesihlanu eThekwini bebhunga ngekusasa likaCele okuthiwa usexoshiwe kulesi sikhundla osekusele ukuthi uZuma atshele izwe ngakho

INTATHELI YESOLEZWE

UMHLANGANO obuphakathi kukaMengameli Jacob Zuma noMkhuzi wamaphoyisa osamisiwe, uGeneral Bheki Cele, ubuyimfihlo.

Lokhu kudalulwe yihhovisi likaZuma izolo emva kwemibiko yabezindaba yayizolo yokuthi laba bahlanganile ngoLwesihlanu eThekwini.

“UMengameli ubize umhlangano noCele ukuze babhunge ngombiko webhodi ebeliphenya uCele ebeliholwa yiJaji uJake Moloi,” kusho isitatimende esikhishwe ngokhulumela uMengameli, uMnuz Mac Maharaj.

UMbiko kaMoloi waphakamisa ukuthi uCele akhonjwe indlela kodwa uMaharaj uthe okubhungwe kulo mhlangano kuyimfihlo.

“UMengameli uzomemezela isinqumo sakhe uma sekufike isikhathi,” kusho uMaharaj.

Okhulumela uCele, uMnuz Vuyo Mkhize, uwuqinisekisile lo mhlangano.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi uMengameli uhlanganile noCele ngoLwesihlanu. Ngeke ngikwazi ukungena kulokhu okuxoxiwe nokuthi kungani umhlangano wawubiziwe,” usho kanje.

UMkhize uthe uCele wabhalela uZuma ngoMeyi 27 enxusa ukuthi bahlangane, uZuma waphendula ngoJuni 6, umhlangano wabe sewuhlelewa uJuni 8.

ISunday Times yabika ukuthi incwadi uZuma ayibhalela uCele imazisa ngokumxosha ifikile emzini wakhe ngoLwesibili.

Nyakenye uMvikeli woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela, wathola ukuthi kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi uCele esayina isivumelwano sokuqasha amabhilidi amaphoyisa ePitoli naseThekwini.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.