CELANI SIKHAKHANE
I SINQUMO sokubeka phansi izintambo ngenyanga ezayo somholi weDA uNkk Helen Zille sishiye abantu benemibono ehlukene kusuka kulabo abayizitha zakhe kwezombusazwe nakubahlaziyi.
Izolo uNkk Zille umemezele esithangamini sabezindaba ukuthi usethi khumu ekuholeni iDA kusuka ngoMeyi 9 engqungqutheleni okuzobe kukhethwa kuyo ubuholi baleli qembu obusha.
UNkk Zille uthe uthathe lesi sinqumo ngeledlule emuva kweminyaka eyisishiyagalombili ehola i-DA. Uthe usazoqhubeka aqedele iminyaka esele enguNdunankulu wase Western Cape.
Uthe i-DA ayimile ngaye kodwa kunabaholi abaningi futhi ukholelwa kakhulu ukuthi wonke umuntu anikwe ithuba.
“Uma ubheka nje okhethweni lwango 2009 ngangingebona ubuso beqembu kodwa uLindiwe Mazibuko uyena owabe engubuso beqembu kunguye osekhaleni lemikhankaso oba phambili noma kunezinkulumo mpikiswano,” kusho uZille.
Uthi ukuthi umholi ozomlandela uyiliphi ibala akuyona into ebakhathazayo ngoba bayiqembu lawo wonke umuntu futhi alikho iqembu elinobuholi obuxube izinhlanga njenge DA.
UMnuz Zakhele Ndlovu ongumhlaziyi wezepolitiki ofundisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uthe lesi sinqumo sethusile futhi sikhombise ngokusobala ukuthi bekuvele sekunenkinga uNkk Zille abebhekene nazo eqenjini.
“Lesi sinqumo sakhe asithathe isigubhukane sishiya imibuzo mayelana nokuthi ngabe ngubani ozothatha emva kwakhe ngoba akekho okwamanje umuntu okungathiwa ubemkhulisa ukuze alungiselele ukumshiya ezintanjeni, kwazise noDkt Mamphele Ramphele wathi umenza ubuso beqembu kwangalunga. Okunye wukuthi uma ubheka kuyacaca ukuthi isimo besingasesihle kuye njengoba bese kunenkinga yokungagculiseki ngaye kwabanye abaholi ngaphakathi kwaze kwasula noNksz Lindiwe Mazibuko,”
UMnuz Thabani Khumalo ongumhlaziyi ozimele, uthe bese kufike isikhathi ngoba iminyaka engu-10 uma ungumholi isuke seyanele ukuthi umuntu usenganika abanye ithuba.
“Inkinga ekhona ngeyokuthi kunzima ukuba nesiqiniseko sokuthi kuzokhethwa umuntu omnyama noma omhlophe ngoba iDA ihlukene kakhulu. Kukhona amaLiberals okungamaNgisi abona kuyiwo aphethe konke kube khona laba abahlubuka kuNational Party abangayizwa nje indaba yokuholwa ngumuntu omnyama bese kuba abamnyama asebefuna kube umholi webala labo othatha izintambo,” kuhlaziya uKhumalo.
Abahlaziyi bathi abantu abababona bengabangcono ekutheni bakhulise iqembu njengoNkk Zille kungaba uMnuz Herman Mashaba noma uMnuz John Steenhuisen.
I-ANC izolo ngomlomo kaMnuz Zizi Kodwa ithe ayithukanga ngesimemezelo sikaNkk Zille ngoba ubalekela ukwehluleka nehlazo abhekane nalo ehlulwa wukhetho ngonyaka odlule.
“Asiqondi ukuthi yini kufanele kube yinto enkulu ukuthi uNkk Zille usethi khumu ngoba kuyenzeka kubona bonke abantu uma umholi esenquma ukungasingeneli isikhundla noma ukuqhubeka naso,” kusho uKodwa.
UMnuz Irvin Jim weNumsa uthe liphume nobomvu futhi abasobe bamkhumbula uNkk Zille ngoba ubehlangene nabantu abebeqhuba imigomo yokugqilaza abantu abamnyama abangabasebenzi.
UMnuz Blessed Gwala we-IFP uthe abahlanganise lutho nokushenxa kukaNkk Zille ezintanjeni zeqembu lakhe kodwa okubaphethe kabi wukuthi ushiye izinto zimapeketwane KwaZulu-Natal ngenxa yoqhekeko olukubaholi bakhona.
UNkk Zille oke waba yintatheli, ube nguNgqongqoshe wezeMfundo eWestern Cape, waba yilungu lePhalamende wabuya ngo-2007 wazoba yiMeya yaKapa kwathi ngo-2009 waba nguNdunankulu wakhona. Uthathwa njengomholi okhulise leli qembu elifaka ezindaweni zabantu abamnyama laphinde lahlwitha iWestern Cape ezandleni ze-ANC.