Abayingeni eyesiphakamiso

Comment on this story
Copy of NO_NO MNTOMUHLE0 Ex-QDMS UMNUZ Mntomuhle Khawula ochithe izifunda eziphakamise igama lakhe ekutheni abe yiphini likaNobhala-jikelele we-IFP uma kufika ingqungquthela ezoba ngenyanga ezayo

CELANI SIKHAKHANE

OWAYENGU-MGQUGQUZELI kazwelonke we-IFP uMnuz Albert Mncwango ugcine ekuchithile ukuphakanyiswa kwegama lakhe ekutheni akhethwe njengoNobhala-jikelele weqembu uma kufika ingqungquthela ezoba ngenyanga ezayo.

UMncwango obephakanyiswe yizifunda namaziko ehlukene okubalwa iZululand kuthe izolo wakhipha isitatimende esicacisayo ukuthi ngeke asingenele lesi sikhundla futhi uyaziqhelelanisa nalabo abaphakamisa igama lakhe.

Kwenzeka lokhu nje kuthe ngesonto eledlule kwasabalala amahlebezi okuthi ubuholi beqembu bufuna ukumphoqa ekutheni asayine incwadi yokuzibophezela ekutheni asikho isikhundla azosingenela ngaphandle kwesokuba yiphini likasihlalo. UMncwango ubenguMgqugquzeli we-IFP isikhathi eside kanti kuthe kulo nyaka wamemezela ukusula kwakhe kulesi sikhundla nokwasusa imvunge ngoba nakhona kwakunezinsolo zokuthi uyaphoqwa ukuthi asiyeke ngoba iqembu lingasagculisekile ngaye.

Omunye wabaholi abaqavile uMnuz Mntomuhle Khawula oyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal naye okhiphe isitatimende ngokuhlanganyela noMncwango ukubeke kwacaca ukuthi ngeke akwemukele ukuphakanyiswa kwegama lakhe ekutheni abe yiphini likaNobhala-jikelele kule ngqungquthela.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngesinqumo seqembu sokuba ngiphakanyiselwe ekutheni ngingenele isikhundla sokuba yiphini likaSihlalo kodwa kungiphatha kabi ukuthi izinhlaka zeqembu ikakhulukazi isifunda iZululand ziyaphikisana nalokho ngenxa yokuthi zifuna ngikhethwe njengoNobhala-jikelele. Lokho ngeke ngikwamukele,” kusho uMncwango.

Copy of NO_NO MNCWANGO0 UMNUZ Albert Mncwango we-IFP osememezele ukuthi ngeke asingenele isikhundla sokuba uNobhala-jikelele we-IFP njengoba kuza ingqungquthela yokukhetha ubuholi .

Ngokohlu lwamagama akhishwe wumhlahlandlela kuvela ukuthi kumele izithunywa zikhethe uDkt Mangosuthu Buthelezi njengoMengameli, iphini kube yinkosi uMzamo Buthelezi, usihlalo kube wuMnuz Blessed Gwala, iphini kube wuMncwango, uNobhala-Jikelele kube uNkk Sbongile Nkomo, iphini kube wuMnuz Nhlanhla Msimang.

Nokho izifunda namaziko aziyingeni eyalo luhlu kodwa zona zifuna uMengameli kube uButhelezi asekelwe yinkosi yaseMbongombongweni kwaButhelezi, bese usihlalo kuba uMnuz Stanley Dladla, iphini kube uNkk Sbongile Nkomo, uNobhala-jikelele kube wuMncwango, iphini kube wuKhawula.

Abantu abangafunwa yizinhlaka zaleli qembu wuGwala noMsimang kanti kuvela nokuthi umhlahlandlela kuthe ngoMgqibelo wenza isiphakamiso sokuthi kumele kuchibiyelwe umthetho-sisekelo weqembu ogunyaza abantu ukuthi baphakamise abaholi engqungqutheleni ukuze kungabe kusavumeleka ukwenzenjalo.

Kumanje i-IFP ibhekene nenkinga ngohlu lwamagama ewakhiphile njengoba kuthiwa abaholi okubalwa kubona uMnuz Alfred Mpontshana, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uNkk Sizakele Msweli noMntwana uPhumzile abebethunywe yiqembu eMkhanyakude ukuthi bayotshela abantu ngalama gama bathwala kanzima ngoba amalungu avele angayingena indaba yawo kodwa azifunela uhla lwawo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.