CELANI SIKHAKHANE
A YIBONA ngenye indlela amanye amaqembu aphikisayo KwaZulu-Natal indaba yokuqhubeka nomcimbi weSilo wokuvula isiShayamthetho njengoba kukhona afuna uvalwe.
Ngaphandle kwe-ANC ne-IFP amanye amaqembu njenge-EFF, MF, DA neNFP abona kungcono kwenziwe umcimbi owodwa ozovulwa yiSilo bese uNdunankulu eqala inkulumo yesifundazwe ezobe ichaza kabanzi ngezinhlelo zikahulumeni.
UMnuz Vusi Khoza we-EFF uthe ngenxa yezindleko ezibonakala zanda kungcono umcimbi ususwe eRoyal Show Grounds uyokwenzelwa ezindlini zesiShayamthetho. “Kuyabiza ukuqasha le ndawo nokuhlukanisa umcimbi weSilo nokaNdunankulu, ngakho sibona kungcono kuthuthwe la kuyiwe ezindlini zesiShayamthetho bese kuba umcimbi wosuku olulodwa kukhulume iSilo kuqala bese kulandela uNdunankulu,” kusho uKhoza.
UNkk Shameen Thakur-Rajbansi weMF uthe nakuba bese kuwusiko ukuthi i-KZN iyenze izinsuku ezimbili le micimbi kodwa inkinga yemali idinga ukuthi kuphinde kubuyekezwe lesi sinqumo.
“Ukuthi iSilo sibe nosuku lwaso bekukuhle ngoba bekuqhakambisa ezokuvakasha eKZN kugqamisa nokwehluka kwethu kwezinye izifundazwe ngokuba neNdlunkulu. Nokho siyadinga manje ukuthi sikubuyekeze lokhu ukuze le micimbi ihlanganiswe kodwa iqhaza leNgonyama lingalahleki iqhubeke nokuthi kube yiyo evula umcimbi bese kulandela uNdunankulu,” kusho uNkk Rajbansi.
Umholi we-NFP uMnuz Vikizitha Mlotshwa uthe nabo banombono ofanayo futhi bakholwa wukuthi imali esetshenziswa kuqashwa ubukhazikhazi baseRoyal Show Grounds ingasebenza ezidingweni zentuthuko.
“Isimo semali sibi kuhulumeni ngoba nathi singamalungu esiShayamthetho siyalelwe ukuthi sinciphise ukulala emahhotela. Umcimbi wokuvula isiShayamthetho awenziwe ezindlini zalesi sakhiwo uhlanganiswe nokaNdunankulu bese umphakathi ufakelwa amathelevishini ezakhiweni zikahulumeni njengasemahholo ukuze ubuke inkulumo kunokuba kuchithwe izigidi.
Okunye kunganqandwa nendaba yabantu abaningi abamenywayo abagcina bedle imali yabakhokhi bentela eningi ngoba basuke beqashelwe amahhotela abazolala kuwona,” kusho uMlotshwa.
I-DA nayo ibihlale ikhala ngokuthi ukuhlukaniswa kwale micimbi kudla kakhulu imali kuhulumeni. USotswebhu we-ANC uNksz Nontembeko Boyce uthe bona abakayiboni inkinga ngomcimbi weSilo.
“Okwamanje asinankinga ngokuthi iSilo sibe nosuku lwaso lokuvula isiShayamthetho ngakho usazoqhubeka ube khona,” kusho uNksz Boyce.
I-IFP nayo ayiyiboni inkinga ngalo mcimbi kodwa ifuna kubhekisiswe izinkampani eziqashelwa ukuhlela umcimbi ngoba isola ukuthi kukhona abakokotela amanani bese kugcina kuchithwe inqwaba yezigidi kuwo. Namhlanje uNdunankulu uzobe ethula inkulumo yesifundazwe ezocacisa ukuthi zithini izinhlelo zikahulumeni kwezentuthuko.