MHLENGI SHANGASE
INHLANGANO elawula izigungu zezikole KwaZulu-Natal isinxuse abazali ukuthi bazifundise baphinde bakhulume nezingane zabo ngocansi bangayekeli nje wonke umthwalo kothisha.
Le nhlangano ikusho lokhu kulandela izibalo ezishaqisayo zokuthi abafundi abangu-12 971 bakhulelwa nyakenye ezikoleni zesifundazwe.
Lezi zibalo zishaqise noNgqongqoshe wezemfundo, uMnuz Senzo Mchunu okhale ngokuthi njengoba laba bafundi bekhulelwe balale ngaphandle kwamakhondomu okungababeka engcupheni yokuthola ingculazi.
USihlalo wale nhlangano, uMnuz Reginald Chiliza, uthe abazali akumele basonge izandla bayekele othisha ukuthi benze umsebenzi kodwa nabo kumele bakhulume ngocansi ezinganeni zabo.
Uthe konakele ezweni uma kungukuthi abafundi abaningi kanje bakhulelwa ngonyaka owodwa futhi okubuhlungu kakhulu kukhona nabafunda emabangeni aphansi emfundo.
“Abanye abazali ubezwa bethi angeke nje bona bakwazi ukukhuluma ngocansi nezingane zabo bekhala ngokuthi bazozibheka kanjani. Kodwa okuxakayo ukuthi lezi zingane zazi yonke into njengoba zibuka imidlalo kuma-TV enanocansi,” usho kanje.
UMchunu ukhale ngokuthi liphezulu nezinga lengculazi esifundazweni ikakhulu ezindaweni ezakhele imigwaqo emikhulu engothelawayeka u-N2 no-N3.
Ngenxa yokubona izinga eliphezulu lokukhulelwa kwabafundi, inyunyana yothisha iNatu isabalalisa amakhondomu ezikoleni ngoba abafundi bayazibandakanya nocansi abanye balwenza ezikoleni.
“Sigxekiwe uma siwakhipha kodwa izibalo zikhomba okunye njengoba sinyuka isibalo sabakhulelwa minyaka yonke.
“Sizoqhubeka nokuwasabalalisa ezikoleni ukuze silwe nesihlava sokukhulelwa kwabo,” kusho iPhini likaMengameli wale nyunyana uMnuz Allen Thompson.
Umkhandlu wothisha kuleli, iSouth African Council for Educators nawo ukhathazekile ngalezi zibalo wathi nothisha nabo banesandla sokukhulelisa abafundi yize bengenazo izibalo zokuthi bakhulelise abafundi abangaki.
Okhulumela lo mkhandlu, uMnuz Themba Ndlovu, uthe siyakhula isibalo samacala abawaphenyayo othisha abalala nabafundi.
Uthe baphenye angu-22 athinta ucansi kulesi sifundazwe njengoba kuqala unyaka, abe ngu-18 athinta inkohlakalo, angu-21 okuhlukumeza ngenkulumo nelilodwa lokubulala.
Services