INLSA
UMNUZ Sandile Magwaza oyiphini likathishanhloko eThornwood High School, eDassenwoek, ukhala ngokuvalelwa ngaphandle kwesikole nabanye othisha ngoba ebuza ngemali yesikole okungaqondakali ukuthi isetshenziswe kanjani. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU
NONTUTHUKO NGUBANE
BASALE dengwane abafundi besikole iThornwood Secondary, eDassenhoek izolo ngesikhathi abazali bevalele ngaphandle kwamasango othisha nabaphathi ngoba bebasola ngokwenza isikole singalawuleki.
Aziqali izinxushunxushu kulesi sikole njengoba phambilini omunye uthishanhloko waxoshwa abazali kanti omunye wanquma ukuzihambela ngoba ethi akusebenzeki ngendlela kulesi sikole.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kulesi sikole izolo abazali abangaphansi kwesigungu sokuphathwa kwesikole bebevalelene emhlanganweni naboMnyango wezeMfundo.
Abafundi bebewuvanzi ngaphandle kwamasango nasemgwaqweni othisha behleli eduze kwesango abanye bezihlalele ezimotweni zabo.
Udaba kwakulesi sikole selungenwe nawuNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu.
Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano othisha bebengaphandle bevutha bengabaselwe bekhala ngokuthi i-School Governing Body ithe ayibafuni emagcekeni esikole ngoba bacheme noMnuz Sandile Magwaza (okhonjwe indlela yi-SGB) oyiphini likathishanhloko.
UPhumzile Dladla okhulumela othisha uthe uma iSGB ikwazi ukuxosha uthisha ngendlela engacacile nabo ngeke bengene esikoleni.
“NguMnyango kuphela okumele uxoshe uthisha. Inkinga enkulu esibhekene nayo kusukela ngoLwesine i-SBG ifuna uthishanhloko obambile uMnuz Sandile Makhaye ukuba abuye azophatha, kufundise nothisha bendawo. Kuyasixaka lokhu ngoba uMakhaye unesikole sakhe (iWestmead Secondary) futhi kuningi okungasigculisi ngaye,” kusho uNkk Dladla ovunyelwe ozakwabo.
Usihlalo we-SGB, uMtilo Zungu, uvumile ukuthi abamfuni noma bambone uMagwaza kulesi sikole ngoba uphehla udweshu wenza nesikole singaphatheki ngendlela.
“Indaba ende lena esizama ukuyixazulula. Lapha esikoleni kulethwe uMakhaye evela kwesinye isikole ukuze axazulule isimo ngoba bekungafundeki phambilini. Kodwa ukufika kwakhe kumenze waba nyamanambana nothisha abakhetha isayidi likaMagwaza, esingagculisekile ngaye ngokuningi,” kusho uZungu.
UZungu uchazele leli phephandaba ukuthi le mpi ngeyezikhundla njengoba kubangwa ukuthi ngubani okumele aphathe.
“Le nkinga engaka lapha imayelana nezikhundla ezibangwayo. Othisha bafuna kuphathe uMagwaza ngoba uyabagqugquzela ukuba bameseke, nabafundi sebedansela isigingci sika-Magwaza. Thina njengabazali sifuna uthishanhloko olethwe wuMnyango kuphela nje,” kusho yena.
UMnuz Magwaza obengaphandle kwamasango ukuphikile ukuthi akaziphethe ngendlela wathi akathandwa ngoba uvamise ukufaka imibuzo ngokuphathwa kwezimali okungagculisi kukathishanhloko ne-SGB.
UMbali Thusi okhulumela uMnyango wezeMfundo uvumile ukuthi othisha bebeduve ngaphandle ngesikhathi sokufunda, wathi lolu daba lungenelwe nguMchunu manje ngoba selungaphezu kwamandla.
“Kube khona ukuphazamiseka esikoleni kuvalelwe othisha, nabaphathi besikole ngaphandle,” kusho uThusi.
Uthe uNgqongqoshe ubize umhlangano osheshayo izolo ukuze kuxazululeke lolu daba.
|
|
Services
Comment Guidelines