Abazalwane bakhala ngoMbhishobhi

Comment on this story
NO UCC . ABEMI kanje amalungu ebandla i-UCCSA eClemont, eThekwini, ngemuva kokuthi kube khona akade bebhikisha bekhala ngokuthi uMbhishobhi waleli bandla uBK Dludla ufika kanye ngonyaka esezolanda imali yebhonasi. Isithombe: BONGANI MBATHA

NOKUBONGWA PHENYANE

IQALE sekwedlule isikhathi inkonzo ethathwa njengenkulu ebandleni i-United Congregation Church of Southern Africa ( UCCSA), eClermont izolo ngemuva kokuthi ingxenye yamakholwa ifake ingidi esangweni ifuna angangeni ebandleni uMbhishobhi omkhulu.

UMbhishobhi Bekizipho Khulekani Dludla odume kakhulu ngelika “BK” usolwa ngamanye amakhowla kuleli bandla ngokuthi ufika kanye ngonyaka ezolanda umnikelo.

Ekuseni amanye amalungu aleli bandla obekubonakala ukuthi awazi lutho ngokukhiyelwa kukaMbhishobhi afike kukhiywe ngezingidi esangweni kubekwe amabhodi abebhalwe ukuthi awamdingi uMbhishophi webandla ngenxa yokuthi akasichithi isikhathi esiningi ebandleni.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sidididi bekuzwakale amanye amakholwa abedumisa ngaphakathi, kanti abanye iningi labo obekungabesilisa belimi izixongololo ngaphandle libhunga ngalo lolu daba. Isolezwe lithintwe amakholwa aleli bandla abengafuni ukuzisho amagama ethi asekhathele ukuthi njalo ngonyaka uMbhishobhi afike ebandleni ezobatshela kwezikabhoqo ukuthi uzofuna imali yamabhonasi yabazalwane ngoba basuke beholile.

“Sikhathele impela uMbhishobhi uDludla akenzisi okomholi futhi akahlonizi ulibeka ngembaba elokuthi uzothatha imali,” kusho leli kholwa lingafuna ukwaziwa.

Uthe bafuna ukuthi lesi senzo sakhe asiyeke yingakho bekhethe ukuthi bavale amasango angakwazi ukungena.

Ngesikhathi iSolezwe lifika kuleli bandla abanye babazalwane akade bemile ngaphandle bakuqinisekisile ukuthi bekuvaliwe emasangweni ngezingidi abangazazi futhi kukhona namabhodi akade ebhaliwe ebekwe esangweni ukuthi uMbhishobhi akadingakali agcine ngokuthi asuswe.

Okugqamile ukuthi amakholwa kuleli bandla ahlukene phakathi ngodaba lukaMbhishobhi ngoba abanye abakhulume nentatheli abazibize ngamaDikoni bathe laba abenze lento kuyacaca ukuthi abawona amalungu aleli bandla. Isolezwe lapha lizibonele uMbhishobhi efika engena ngaphakathi ebandleni kwaqhubeka inkonzo. Ethintwa ngalezi zinsolo uMbhishobhi Dludla uthe uyakweshwama konke lokho okushiwoyo ngaye.

“Hawu, into enjani leyo akuwona phela amakholwa lawo,” kubabaza uDludla. Uthe yena ufike ngendlela ejwayelekile esontweni waqala inkonzo wabusisa nezingane kungekho sidididi.

“Uyazi ngikutshele ngisho nangoMgqibelo bengikhona eClermont siyombula itshe lomunye, saya emathuneni e-Ashley akukho okwenzekile. Angikaze ngithathe mali yamuntu wake wezwa ebandleni kuthiwa kuthathwa amabhonasi abantu, hawu bakithi,” kucacisa uDludla efisa nokwazi ukuthi bangobani laba abasho lezi zinto ngaye.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.