Abazimisele ngokudlala kuNFD

Comment on this story

MINENHLE MKHIZE

ABAFUNI ukudlala kuNational First Division (NFD) abadlali ababili asebeke badlubha imifaniswano yeqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana njengoba amaqembu abo elwela ukuzibekisela indawo ku-Absa Premiership ngesizini ezayo.

U-Erwin Isaacs weSantos noPetrous “Mahlatsi” Ngebo weChippa United batshele Isolezwe ukuthi abazimisele ukudlala kuNFD ngesizini ezayo kwazise balambele ukubuyela esigabeni esiphezulu.

ISantos eqede isizini endaweni ka-15 kuPremiership izokwamukela iChippa United ecijwa uRogers Sikhakhane e-Athlone Stadium emdlalweni weNFD Promotional Play-offs kusasa ngo-7.30 ebusuku.

“Sibabonile bedlala ngempelasonto bayingozi ngakho akumele sibathathe kancane ngoba bazosimangaza. Sifuna ukuwola amaphuzu amathathu kwazise inhloso yethu wukuqoqa ayisikhombisa. Uma singenza njalo nakanjani siyabuyela kuPremiership. Kunzima kuFirst Division futhi asizimisele ukuyodlala khona. Kufana njengasemathuneni laphaya,” kusho u-Isaacs osaligqoke kanye ijezi leBafana.

ISantos iyona ehlezi esicongweni se-NFD Promotional Play-offs ngamaphuzu amathathu ngemuva komdlalo owodwa. Emdlalweni wokuqala iPeoples’ Team iguqise iThanda Royal Zulu ngegoli lika-Eleazar Rodgers eRichards Bay Sport Complex.

“I-Athlone siyijwayele futhi yize besingenzi kahle kodwa ekhaya besingavamile ukuthola induku. Nakulo mdlalo sibheke ukwenza okufanayo. Sesilinde isikhathi eside, sifuna ukudlala sithathe amaphuzu amathathu ukuze senze isiqiniseko sibuyela kuPremiership,” kusho u-Isaacs.

IChippa ilahle amaphuzu emdlalweni wangempelasonto idlala ngokulingana neThanda ngo 1-1 e-Athlone Stadium. Leli qembu likaChippa Mpengesi kubhekeke ukuthi liqophe umlando uma ligcina likwazile ukunyukela esigabeni esikhulu ngokuba yiqembu lokuqala ukudlala isizini eyodwa kuVodacom League nakuNFD bese liya kuPremiership.

“Ngikulambele ukubuyela esigabeni esikhulu. Alikho elinye ithuba elingcono lokwenza lokho njengaleli eliphambi kwethu njengamanje. Sibhekene neqembu elinzima iSantos kodwa siyilungele. Uma singaqhubeka ngendlela esiqede ngayo emdlalweni weThanda amaphuzu amathathu sizogoduka nawo. Kulo mdlalo ngifuna ukusiza iqembu lami ngokuthi ngilishayele amagoli ngoba ngiyeke amaningi ngempelasonto yize ngikwazile ukuthola elilodwa,” kusho uNgebo oselidlubhe kathathu ijezi leBafana.

Imidlalo yeNFD Promotional Play-offs:

Kusasa:

Santos v Chippa (Athlone Stadium, 7.30pm)

NgoMgqibelo:

Santos v Thanda (Athlone Stadium, 8.15pm)

NgoJuni 27:

Thanda v Chippa (Richards Bay Sport Complex, 2pm)

NgoJune 30:

Chippa v Santos (Athlone Stadium, 3pm)

ILOG yeNFD Promotional Play-offs:

Amaqembu P W D L Pts

Santos 1 1 0 0 3

Chippa 1 0 1 0 1

Thanda 2 0 1 1 1


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.