Abe-ANC baphika eyokukhipha uZuma

Comment on this story

INTATHELI YESOLEZWE

Amalungu e-ANC KwaZulu-Natal izolo akuphikile obekubikwa ngabezindaba ngempelasonto kokuthi abopha uzungu lokukhipha uMengameli Jacob Zuma.

“UDkt Zweli Mkhize, Mnuz Senzo Mchunu noMnuz Bheki Cele sebekubeke kwacaca ukuthi bona bayabeseka ubuholi obukhona njengamanje be-ANC,” kusho uMnuz Sihle Zikalala onguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal.

Uthe imibiko ethi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Mkhize, uNgqongqoshe wezeMfundo, uMchunu, nowayenguMkhuzi wamaPhoyisa, uCele, bafuna uZuma aphume nobuholi obuphethe, yimizamo nje ebhedayo yabafuna kushintshwe ubuholi beqembu.

“Sifuna ukukugcizelela ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal ike yaxhumana nalaba okuvele kwabezindaba ukuthi abasamfuni uZuma nobuholi obukhona kanti bonke bayaziqhelelanisa naleli tulo lokuketula ubuholi,” kusho uZikalala.

NgeSonto kwabikwa ukuthi uCele uveze ukuthi weseka noma ngabe ngubani, inqobo nje uma kungeyena uZuma.

Amaphephandaba angeSonto abike ukuthi uCele ube nemihlangano nePhini likaMengameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, uMnuz Paul Mashatile, namaqoqwana angahambisani noZuma.

Kanti iphephandaba iThe Sunday Independent lona libike ukuthi elinye lamaqoqo elingahambisani nokuthi uZuma aphathe izwe neqembu ihlandla lesibili belihlangene eSandton ngoLwesithathu olwedlule.

Libike nokuthi uCele naye ubekhona kulowo mhlangano kodwa yena ukuphikile ukuthi ubekhona.

UZikalala uthe isifundazwe sizodingida indaba yobuholi uma iNational Executive Committee isikhiphe umyalelo wokuba kwenziwe lokho ngenyanga ezayo.

“Njengoba sekusondele ukuba kuyiwe engqungqutheleni kazwelonke, sicela abezindaba ukuba bakugweme ukusetshenziswa ngabantu abathile ukusabalalisa izindaba ezingamampunge ngenhloso yokudala uqhekeko nongabazane kubaholi,” kusho uZikalala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.