AbeJoyous emcimbini wokuhalalisela ibandla

Comment on this story
no Nkanyiso . UNKANYISO Bhengu ozohlanyisa abalandeli bomculo wokholo emcimbini iTribute To Gospel Music Show

MBALI KHANYILE

ABACULI beqembu eliyintandokazi kwabaningi, iJoyous Celebration bazojabulisa abalandeli bomculo wokholo emcimbini obizwa nge-Tribute To Gospel Music Show ozobe use-Oasis Fellowship, kwa-W, eMlazi namhlanje ntambama.

Phakathi kwabaculi abazobe benandisa kulo mcimbi kubalwa uNkanyiso Bhengu, Brenda Mtambo, Sibongiseni Mbhele, Monde Mhlongo, Lungi M, Mvuselelo Buthelezi nabanye abaculi beJoyous Celebration.

Inhloso yalo mcimbi wukuhalalisela ibandla likaBishop L A Buthelezi iNew Life ngempumelelo yalo. Nguyena owaba negalelo ekuthuthukiseni laba baculi asebemnka-ntshubomvu kulo mkhakha ngokusho kukaXolani Sithole ongomunye wabahleli bomculi.

“Ibandla i-New Life libe neqhaza elikhulu kakhulu ekukhiqizeni abaculi abafana nalaba abazobe benandisa kulo mcimbi. Ngakho-ke singabaculi abadlule esandleni sikaBishop Buthelezi, sihlele ukuthi kube nale ndumezulu yomcimbi ngenhloso yokudumisa sibonge uNkulunkulu sihlangene sonke njengezingane ezidlule esandleni sikaButhelezi,” kubeka uXolani oyobe engomunye wabaculi abazobe benandisa.

Echaza ngokuzokwenzeka kulo mcimbi uthe abaculi abazobe benandisa bazoxuba izingoma zabo nezika-Buthelezi ezitholakala kwi-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Our Father yango-2009.

no Brenda UBRENDA Mtambo oyobe eshiyelana inkundla nabanye abaculi beJoyous Celebration eMlazi Oasis Fellowship. Izithombe: FACEBOOK .

Phakathi kwezingoma ezitholakala kuleli cwecwe okuyobe kunandiswa ngazo kubalwa ethi I Know The Lord Will Make A Way, This Is Heaven, Hold On nezinye.

Eqhuba uthe lo mcimbi ngowokubonga uButhelezi obasize kakhulu empilweni yabo njengoba sebekuleli zinga abakulona emkhakheni wezomculo.

“Ukukhula umesaba uNkulunkulu nokungalilahli ithemba kuzo zonke izinto ozenzayo ngezinye zeziyalo esasihlezi sizinikwa nguBishop Buthelezi sikhula nengingasho nje ngizigqaje ngokuthi usikhulisile njengezingane zakhe,” kusho uXolani.

Kwamukeleke wonke umuntu ofisa ukudumisa abonge uNkulunkulu ngamenzele khona empilweni kulo mcimbi ozoqala ngo-7 kusihlwa.

Amathikithi okungena abiza u-R120 atholakala eComputicket.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.