INLSA
KUQUBUKE isidididi ngenxa yomlilo obusha eShell garage kuBerea Road, eThekwini izolo emini. Isithombe: DOCTOR NGCOBO
IZIMOTO ebezisebenzisa umgwaqo u-Berea uma ziphuma eThekwini izolo ziye zaphoqeleka ukuba zihambe ngomunye umzila ngesikhathi kuqubuka umlilo egaraji likaphethiloli.
Lo mlilo okungacaci ukuthi uqalwe yini kuthiwa uqubuke ngabo-12 emini egaraji lakwaShell ku-Berea Road.
Kuke kwaba nesidididi ngesikhathi abantu bebona izimoto zingahambi abanye bethi amatekisi aseqale phansi isiteleka.
Ngokusho kukaMnuz Eugene Msomi wamaphoyisa kaMasipala weTheku, umgwaqo awuvalwanga ilanga lonke kanti umlilo uqale ohlangothini lokuwasha izimoto.
Uthe izicishamlilo zikwazile ukuwucisha kungakadaleki umonakalo omkhulu. Abekho abalimele.
“Amaphoyisa kaMasipala abekhona ukusiza abashayeli emgwaqweni. Kusaphenywa ngembangela yomlilo,” kusho uMsomi. –Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services