Abemoto balahle esinye isidumbu eceleni komgwaqo

Comment on this story
no isidumbu2 . BESIDINDILIZE kanje isidumbu sowesilisa ongaziwa olaxazwe yimoto yohlobo lwe-Polo kwa-N KwaMashu izolo. Isithombe: NQOBILE MASIMULA

NQOBILE MASIMULA

KUNGAKAPHELI izinsuku ezimbili kulahlwe isidumbu eduze komuzi wenyanga elokishini eHammarsdale emini kwa bha, izolo kuphinde kwenzeka esifanayo KwaMashu kulaxazwa isidumbu sendoda eceleni komgwaqo esigcemeni sakwa N emini. Kuzo zombili lezi zigameko umphakathi uthi kusuke kuyimoto i-VW Polo esuke ihamba amadoda angaziwa. Ukwenzeka kwalezi zehlakalo sekuqubule uvalo emiphakathini yasemalokishini aseThekwini ngoba akwaziwa ukuthi laba basuke bebulawe kuphi benzeni.

Ngokusho komakhelwane abazibonele, imoto eshiye lesi sidumbu ifike ihamba ngesivinini esiphezulu ngezikhathi zehora leshumi nambili emini, maqede yalaxaza isidumbu sendoda engaziwa okuyindlela efanayo nokuthiwa yenzeke eHammarsdale.

Izingane zasendaweni ebeziphuma esikoleni bezizithela phezu kwaso lesi sidumbu sowesilisa olinganiselwa eminyakeni engu-30 sidindilizile kwazise kuze kwashaya ihora lesithathu ntambama izolo singakalandwa.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele le ndawo lifike sisadindilize singamboziwe. Bekusafike iveni eyodwa yamaphoyisa aseNtuzuma.

Yize amaphoyisa abesendaweni yesigameko enqabile ukuphawula ngoba ethi awagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba kodwa kuvelile ukuthi umufi ubenenxeba ekhanda.

Umufi ubegqoke ubhemunda oluhlaza sasibhakabhaka nesikibha kanti izicathulo bezingabonwa.

Ilungu lomphakathi elingathandanga ukuthi kudalulwe igama lalo, lithe kuyethusa ukuthi kukhona abantu asebebona imigwaqo engenela emizini yabo njengendawo yokulahla izidumbu.

“Iyathusa ngempela le nto futhi izohlukumeza izingane zethu njengoba zizithele kusona lesi sidumbu ngesikhathi zibuya esikoleni,” usho kanje.

Abanye bebezwakala bethi: “Kodwa bebengambeki ngani ngakubo ngoba akaziwa la endaweni.”

Ngesikhathi ethintwa ngalolu daba amaphoyisa asesifundazweni athe awakabi nalo ulwazi olugcwele njengoba amaphoyisa asesiteshini saseNtuzuma esesendaweni yesigameko.

Kanti kuze kube manje akukaziwa lutho ngokuthi ungubani owesilisa otholakale eHammarsdale.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Vincent Mdunge uthe akukaboshwa muntu mayelana nokubulawa kwalo mlisa otholakale eHammarsdale.

Uthe kuze kube manje abakasazi isizathu sokubulawa kwalaba bantu.

Unxuse amalungu omphakathi anganolwazi ngokubulawa kwalaba bantu nezihlobo zabo ukuthi baxhumane namaphoyisa ku-031 771 8000 noma- 031 771 8038 noma ku-08600 10111.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.