Abenelisekile abangalifuni ikhansela

Comment on this story
NO NTUZUMA1~1 BONGANI MBATHA AMANYE amalungu omphakathi waseNtuzuma ekhuluma neMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo bebika ngezinkinga abanazo ngekhansela elibaphethe. Isithombe: BONGANI MBATHA

BAWINILE NGCOBO noNONHLANHLA MKHABELA

BASALE bekhononda, bengenelisekile abanye abantu baseNtuzuma abafuna kuxoshwe ikhansela laku-ward 42, emuva komhlangano neMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, izolo.

Laba bantu bavuke umbhejazane ngesikhathi sekuvalwa lo mhlangano, bathi bona bafuna ikhansela, uMnuz Nqaba Ngwane, lishenxe esikhundleni ngoba akabasizi ngalutho kanti usephathe isikhathi eside.

Bathe basazophindela emgwaqweni bayinyomfe kuze kwenzeke abakufunayo.

Kwale noma uNxumalo obeselungiselela ukuhamba ebatshela ukuthi akumele benze okuphambene nomthetho kodwa abayeke kuphenywe kuqala, kulandelwe imigudu efanele.

Yize leli qeqebana belingenelisekile kodwa abanye abantu babonakale bezihambela emuva kwalo mhlangano, bekhumbuzana ukuthi kuzoba nomunye ngoJulayi 27.

UNxumalo uze ahambele lo mphakathi nje kusukela ngoLwesibili uvimbe imigwaqo, ushisa amathayi ukhala ngokungeneliseki ngekhansela labo abathi alizilethi izidingo futhi abalisola enkohlakalweni okubalwa kuyo eyokudayisa izindlu.

Usihlalo wekomidi le-South African National Civic Organisation (Sanco), uMnuz Paulos Gwala, uthe uNgwane akafuni ukuxhumana nomphakathi.

“Sinezinkinga eziningi kule ndawo okubalwa ugesi, amanzi, izindlu. Abanye abantu abanawo amatayitela ezindlu abahleli kuzo, abanye bahleli ngababili kwi-site eyodwa,” echaza.

Uthe ikhansela labo libahlukanisa ngokwezinhlangano, abantu lithi bayi-DA noma i-IFP kunokuthi libanike usizo.

Bakhala nangokuthi uma kunama-project endaweni bona abatshelwa babona sekukhona abantu abangabazi besebenza ekubeni nabo beswele imisebenzi.

UNxumalo utshele abantu abebegcwele ihholo ukuthi zonke izinsolo abanazo ngekhansela ziyaphenywa ngamaphoyisa nophiko lukaMasipala, i-Ombudsman.

“Sizolinda ukuthi kuze kuphothulwe lolu phenyo, kuvele ukuthi kukhona yini inkohlakalo noma amacala enziwe ngaphambi kokuthi kuthathwe izinqumo,” echaza.

Uchazele lo mphakathi ukuthi umuntu akavele nje axoshwe kodwa kumele kuphenywe izinsolo, atholakale enecala kuqala ngoba uma bemxosha kungalandelwanga imigomo efanele kungenzeka abophe uMasipala ngokuthi uxoshwe ngendlela engafanele.

Uthembise ukuthi zonke izikhalo ezikhona ezithinta iminyango eyehlukene uzozidlulisa kuleyo minyango zibe ziqala zisetshenzwa.

UNxumalo uhlabe wahlikiza isenzo samakhansela angayibizi imihlangano yokwazisa abantu ngezinhlelo eziqhubekayo.

“Ngokomthetho kumele ikhansela libize umhlangano kanye ezinyangeni ezintathu kodwa kuMasipala weTheku sathi kumele umhlangano ubizwe kanye ngenyanga ukuze abantu behlale bazi ukuthi kwenzekani nangentuthuko,” echaza.

Uthe umphakathi awehlise umoya, ukuze kuphenywe ngendlela konke.

UNxumalo uzophinde abe nomhlangano nalo mphakathi ngoJulayi 27 lapho ezobe esehamba khona neminyango eyehlukene izochaza ngezobe isikwenzile ngezikhalo zabantu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.