NONTUTHUKO NGUBANE noKHULEKANI SHABALALA
B AWUPHENDULE inkundla yokukhankasela amavoti okhethweni loHulumeni baseKhaya umjaho iComrades Marathon abanye abaholi bamaqembu ezepolitiki.
Kuhlale obala ukuthi ukhetho selusemome njengoba amanye amaqembu nabalandeli bawo bebengazibekile phansi.
Bebedlubhe izikibha abe-ANC abe-DA benendawo yokukhangisa ezindaweni ezimbili emgudwini weComrades izolo.
I-DA ibinetafula ngaseCato Ridge. Uma kudlulwa khona bekusha ingoma badanse baze bakhase phansi bethi akuvotelwe “ushintsho” oluza neqembu.
Abanye be-DA bebemi uma ungena eThekwini, bephethe izingqwembe ezeseka uMnuz Haniff Hoosen ukuba abe yiMeya yeTheku. Abe-ANC bebefake izikibha ezinobuso bukaMengameli Jacob Zuma. Bebemi amaqoqo ngokuhlukana.
Ngakolunye uhlangothi kuthuse abaningi ukungabonakali kweMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, kulo mjaho.
NjengeMeya abaningi bebelindele ukuthi abe khona ezokwamukela umyalezo ofika nomgijimi wokuqala ukushaya intambo futhi amukele nabagijimi. NePhini lakhe uNkk Nomvuzo Shabalala akazange abonakale.
Laba baholi baziwa nokuhambisana nobenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu.
Izolo bekugqame uSihlalo we-ANC eThekwini, uNkk Zandile Gumede, obehambisana noSihlalo we-ANC esifundazweni uMnuz Sihle Zikalala, uNdunankulu omusha uMnuz Willies Mchunu, noSomlomo weTheku uMnuz Loggie Naidoo obemele idolobha.
UNdunankulu uncome kakhulu umjaho wathi abasubathi abenze kahle base-KZN bazobabonga ngendlela ekhethekile. Ushaye nekhwelo lokuba kwesekwe abasubathi base-KZN ukuze baqhubeke nokwenza kahle kulo mjaho.
UBongumusa Mthembu, Mncedisi Mkhize, Siphiwe Ndlela noFikile Mbuthuma baphume kwabayishumi abahambe phambili kwabesilisa nabesifazane.