isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

‘Abesifazane abanganqeni ukwazi ngezimali’

Comment on this story


NO SHANDU~1

.

UNKSZ Charmain Shandu wexwayisa abesimame ukuthi bazibambele ngakwezezimali bangalindeli ukuthi izinqumo bazithathelwe yilabo abathandana nabo. Isithombe: BONGANI MBATHA

ISIFISO sakhe wukubona abesifazane beqala ukunakekela ezezimali bengagcini ngokulindela ukuthi kube khona obathathela izinqumo.

UNksz Charmain Shandu (35) osingethe ukucijwa kwabayala ngokusetshenziswa kwezimali kaSanlam eThekwini uthe abesifazane kumele bafunde ukuphatha ezezimali bangayekeleli konke kubayeni babo.

“Iningi labesifazane kalibuzi ngesimo sezezimali emindenini yalo. Lilinda kuze kube ngumyeni noma lowo abezwana naye aze ashone anduba babone ukuthi izinto zihamba kanjani ngasezimalini.

“Lapho uthole ukuthi mhlawumbe umyeni wayebambise ngendlu noma ngemoto ngesikhathi ezama ukubamba ibhizinisi elithile, kuyaba uyashona umyeni kuvele ukuthi kabanalutho ekhaya,” kusho uNksz Shandu.

Emva kokubona indlela abesimame abathwala kanzima ngayo ngasezimalini ikakhulukazi uma ubaba wekhaya engasekho, uNksz Shandu uzithwese ijoka lokuthi abasize ababonise ukuthi bangenza kanjani ukuze bazikhiphe ezinkingeni zezimali.

“Uma uvakashela ezindaweni eziningi ezibolekisa ngemali kuba ngabantu besifazane abaningi. Futhi ngisho kuhlukana ubaba nomama kuvame ukuthi ingane isale nomama. Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi abesifazane kufanele baqale ukukhuthalela ezezimali,” kusho uNksz Shandu.

NO SHANDU1

UNKSZ Charmain Shandu wexwayisa abesimame ukuthi bazibambele ngakwezezimali bangalindeli ukuthi izinqumo bazithathelwe yilabo abathandana nabo. Isithombe: BONGANI MBATHA

.

Wayebamba izingcingo kwa-Old Mutual ngesikhathi efikelwa yisifiso sokwenza okungaphezu kwalokhu ayekwenza.

“Ngangijwayele ukubona abantu befika bezocela ukuyalwa ngezimali zabo kodwa ubone ukuthi abaqondi ngalokho abayalwa ngakho. Kokunye ububona nje ukuthi labo ababayalayo nabo kabaqondi ukuthi kufanele babayale kanjani,” kuqhuba uNksz Shandu.

Uchaze wathi labo abayala ngezimali kujwayele ukuthi kube ngabamhlophe futhi bebayala bangabheki usiko lwabantu ababayalayo.

“Kokunye bekuke kufike ubaba omdala oyeke emsebenzini ngoba esemdala. Bamyale ngokuthi afake yonke imali yakhe ku-investement bese elokhu eyithola kancane kancane. Bebengabheki ukuthi njengoba eseqede ukusebenza kungenzeka ukuthi ubaba uzimisele ngokwakha,” kusho uNksz Shandu.

Kuyimanje ukucobelela uyakuthokozela kanti ulwazi lwakhe uyaludlulisela nakulabo abafika emuva kwakhe kulo mkhakha.

Akulula ukucasula le ntokazi ehlezi imamatheka kodwa uma uke waphatha kabi ikhasimende uzoyidela inkani.

Uthe akukho angakwenzi ukuze aqikelele ukuthi amakhasimende aneme.

Ukugqugquzela abesimame ukuthi bonge banakekele nezimali akukhona kodwa okusenhliziyweni yakhe.

Uyakuthanda nokugijima nathe yikho okumgcina esesimweni esihle sempilo.

Echaza uthe: “Ukugcina umzimba wakho usesimweni esihle kucishe kufane nokulungisa izimali zakho. Kuqala kube nzima kodwa uma uqhubeka ugcina usujwayele usubona nemiphumela emihle yako.”

Emuva kokuqala ukugijima ngenxa yesimo esibi somshado wakhe wabona kukuhle ukuthi aqale ukugijima njengendlela yokuthi azame ukudlulisa ubuhlungu bokuhlukanisa nomyeni wakhe.

Uthe lokhu kwamsebenzela kwamfaka nomfutho wokuthanda ukuzivocavoca.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
mdm_668
I'm a 42 year old man looking to meet women between the ages of 20 and 39.
View Profile
mdm_668
I'm a 42 year old man looking to meet women between the ages of 20 and 39.
View Profile
Carlo
I'm a 40 year old man looking to meet women between the ages of 30 and 45.
View Profile
IOL - dating
Zeeh208
I'm a 30 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 42.
View Profile
IOL - dating
Tresor
I'm a 33 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 35.
View Profile
IOL - dating
PawPaw
I'm a 31 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 40.
View Profile