.
UNKSZ Charmain Shandu wexwayisa abesimame ukuthi bazibambele ngakwezezimali bangalindeli ukuthi izinqumo bazithathelwe yilabo abathandana nabo. Isithombe: BONGANI MBATHA
ISIFISO sakhe wukubona abesifazane beqala ukunakekela ezezimali bengagcini ngokulindela ukuthi kube khona obathathela izinqumo.
UNksz Charmain Shandu (35) osingethe ukucijwa kwabayala ngokusetshenziswa kwezimali kaSanlam eThekwini uthe abesifazane kumele bafunde ukuphatha ezezimali bangayekeleli konke kubayeni babo.
“Iningi labesifazane kalibuzi ngesimo sezezimali emindenini yalo. Lilinda kuze kube ngumyeni noma lowo abezwana naye aze ashone anduba babone ukuthi izinto zihamba kanjani ngasezimalini.
“Lapho uthole ukuthi mhlawumbe umyeni wayebambise ngendlu noma ngemoto ngesikhathi ezama ukubamba ibhizinisi elithile, kuyaba uyashona umyeni kuvele ukuthi kabanalutho ekhaya,” kusho uNksz Shandu.
Emva kokubona indlela abesimame abathwala kanzima ngayo ngasezimalini ikakhulukazi uma ubaba wekhaya engasekho, uNksz Shandu uzithwese ijoka lokuthi abasize ababonise ukuthi bangenza kanjani ukuze bazikhiphe ezinkingeni zezimali.
“Uma uvakashela ezindaweni eziningi ezibolekisa ngemali kuba ngabantu besifazane abaningi. Futhi ngisho kuhlukana ubaba nomama kuvame ukuthi ingane isale nomama. Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi abesifazane kufanele baqale ukukhuthalela ezezimali,” kusho uNksz Shandu.
UNKSZ Charmain Shandu wexwayisa abesimame ukuthi bazibambele ngakwezezimali bangalindeli ukuthi izinqumo bazithathelwe yilabo abathandana nabo. Isithombe: BONGANI MBATHA
.
Wayebamba izingcingo kwa-Old Mutual ngesikhathi efikelwa yisifiso sokwenza okungaphezu kwalokhu ayekwenza.
“Ngangijwayele ukubona abantu befika bezocela ukuyalwa ngezimali zabo kodwa ubone ukuthi abaqondi ngalokho abayalwa ngakho. Kokunye ububona nje ukuthi labo ababayalayo nabo kabaqondi ukuthi kufanele babayale kanjani,” kuqhuba uNksz Shandu.
Uchaze wathi labo abayala ngezimali kujwayele ukuthi kube ngabamhlophe futhi bebayala bangabheki usiko lwabantu ababayalayo.
“Kokunye bekuke kufike ubaba omdala oyeke emsebenzini ngoba esemdala. Bamyale ngokuthi afake yonke imali yakhe ku-investement bese elokhu eyithola kancane kancane. Bebengabheki ukuthi njengoba eseqede ukusebenza kungenzeka ukuthi ubaba uzimisele ngokwakha,” kusho uNksz Shandu.
Kuyimanje ukucobelela uyakuthokozela kanti ulwazi lwakhe uyaludlulisela nakulabo abafika emuva kwakhe kulo mkhakha.
Akulula ukucasula le ntokazi ehlezi imamatheka kodwa uma uke waphatha kabi ikhasimende uzoyidela inkani.
Uthe akukho angakwenzi ukuze aqikelele ukuthi amakhasimende aneme.
Ukugqugquzela abesimame ukuthi bonge banakekele nezimali akukhona kodwa okusenhliziyweni yakhe.
Uyakuthanda nokugijima nathe yikho okumgcina esesimweni esihle sempilo.
Echaza uthe: “Ukugcina umzimba wakho usesimweni esihle kucishe kufane nokulungisa izimali zakho. Kuqala kube nzima kodwa uma uqhubeka ugcina usujwayele usubona nemiphumela emihle yako.”
Emuva kokuqala ukugijima ngenxa yesimo esibi somshado wakhe wabona kukuhle ukuthi aqale ukugijima njengendlela yokuthi azame ukudlulisa ubuhlungu bokuhlukanisa nomyeni wakhe.
Uthe lokhu kwamsebenzela kwamfaka nomfutho wokuthanda ukuzivocavoca.
|
|
Services
Comment Guidelines