isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Abesitokofela ‘baxhoshwe’ u-R150 000


MLUNGISI GUMEDE

AKHALA ezimathonsi amalungu esitokofela i-Zizamele eDassenhoek ngephoyisa elinguCaptain alisola “ngokuwaxhopha” imali engaphezu kuka-R150 000 yesitokofela lasenga ezimi-thiyo lathi libanjwe inkunzi.

La malungu esitokofela azifikele mathupha emahhovisi eSolezwe ngoLwesibili ezobika ngalolu daba athi into ewaphathe kabi ukuthi icala alivulile esiteshini samaphoyisa eMariannhill kodwa uCaptain Christopher Gumede akaboshwa ngoba ubesebenza kusona lesi siteshi ngaphambi kokuthi ayosebenza eQeeunsburgh.

“Asineme ngendlela uphenyo oluqhubeka ngayo njengoba uGumede engaboshwa kodwa kunezinkomba zokuthi kukhona okushaya amanzi ngokuntshontshwa kwemali yethu,” kusho elinye ilungu.

Leli lungu lithe enye into ebenza basole ukuthi kukhona isandla semfene kulolu daba ukuthi leli phoyisa nabanye ababili asayina nabo uma kuyokhi-shwa imali abazange baba-tshele ukuthi bazoya kolanda imali ngoDisemba 17.

“Safonelwa sesitshelwa ukuthi nalaba ayehamba nabo babanjwe inkunzi bephuma ukuyolanda imali yesitokofela kade bengasitshelanga lutho thina njengamalungu ukuthi bazoya kolanda imali,” kusho leli lungu.

Lithe abasolwa babatshela ukuthi bamiswa owesilisa eThornwood wabacela ukuthi bamgibelise imoto ngesikhathi bethi bayamthatha kwaqhamuka i-Toyota Corolla yama phambi kwabo kwaphuma abesilisa kuyo, omunye ephethe isipanela washaya iwindi lemoto yabo, baqonda kuleli phoyisa bathi alikhiphe imali.

Leli lungu liveze ukuthi sekubhekwene ngeziqu zamehlo kulandela ukulahleka kwemali.

Kuthiwa kunelinye ilungu elizame ngisho ukuzibulala ngemuva kokuthi lizwe kuthiwa imali intshontshiwe.

Lelo lungu kuthiwa beli-hlele ukuthi lizothenga imoto ngemali ebelizoyihlukanisa.

Amanye amalungu athi wona abehlele ukuthi azofaka izingane esikoleni ngemali yesitokofela kodwa lokho akusenzekanga.

Ethintwa ngalezi zinsolo uGumede uthe igama lakhe selonakele emphakathini kodwa uNkulunkulu uyo-mphendulela ngelinye ilanga.

“Angazi ukuthi ngingahlangana kanjani nabantu ngithi abathathe imali yesitokofela esidlalwa izihlobo zami okukhona kuzo ngisho nomama ongizalayo,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubamba inkunzi okwama-nje akukaboshwa muntu.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
AGN_391
I'm a 24 year old man looking to meet women between the ages of 21 and 38.
View Profile
CarpeDiem_333
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 30 and 48.
View Profile
Doctor221_jpw
I'm a 22 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 25.
View Profile
IOL - dating
Marc_02
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 36.
View Profile
IOL - dating
s5864
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 49.
View Profile
IOL - dating
nooky
I'm a 22 year old woman looking to meet men between the ages of 27 and 35.
View Profile