ISIKHULU senhlangano ebhekele amanyuvesi, i-University South Africa, uSolwazi Ahmed Bawa, sithi zingawa bhu phansi lezi zikhungo uma inganyuswa imali yokufunda.
UBawa uthe amanyuvesi athembele emalini, yingakho kungelula ukuthi imali inganyuswa.
“Amanyuvesi abhekene nengwadla ngoba kuyadingeka inyuswe imali yokufunda. Uma ibinganyuswa le mali abezowa bhu phansi bese ngomuso angabikhona. Siyadinga ukuthi lezi zikhungo sizigcinele intsha yangomuso,” kusho uBawa.
Ukusho lokhu nje abafundi bayasichitha isimemezelo soMnyango wezeMfundo ePhakeme sokuthi imali inyuswe kodwa kungeqi ku-8% ngonyaka ozayo.
UNgqongqoshe walo Mnyango, uDkt Blade Nzimande, umemezele ukuthi ngeke inyuswe imali yokufunda kulabo bafundi abafundiswa yisikhwama sezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme nalabo abazali babo abahola u-R600 000 kuya phansi ngonyaka.
UBawa uthe kunzima ukusho ukuthi inyuvesi ngayinye izonyusa ngamalini imali yokufunda.
“Izidingo zawo azifani, yingakho kungelula ukusho ukuthi imali izonyuka ngamalini. U-8% ukahle wona ngoba engaphansi kwale mali izokwenza izinto zibe nzima kubaphathi bamanyuvesi.
"Siyakugxeka ukucekelwa phansi kwempahla, nabaphathi ngalesi sikhathi kumele baqinisekise ukuthi isimo asiphumi esandleni. Lesi simemezelo siletha ithemba njengoba kusalindwe isinqumo sekhomishini ephenya imfundo yamahhala,” kusho uBawa omele amanyuvesi angu-26 akuleli.
Uthe abaphathi bamanyuvesi bayahambisana nemfundo yamahhala. “Akukhona ukuthi abaphathi bachitha imfundo yamahhala, bayahambisana nayo. Okubalulekile nje wukuthi noma abafundi bangangakhokha kodwa ukhona ozokhokhela ukunyuka kwemali njengoba uhulumeni ezoxhasa nje nangonyaka ozayo,” kusho uBawa.
ICosatu neSACP banxuse abafundi ukuthi bakhiphele ukudinwa kwabo emkhakheni wamabhizinisi azimele, hhayi kuhulumeni kuphela.
Lezi zinhlangano bezihlangene eGoli zibhunga ngemibhikisho yabafundi abafuna imfundo yamahhala.
UNobhala weCosatu, uMnuz Bheki Ntshalintshali, uthe bayahambisana nezimfuno zabafundi wathi kodwa kumele babhodlele ezinkampanini ezizimele. Uthe lezi zinkampani kumele zisebenzise inzuzo ukutshala kwezemfundo.
“Sinxusa uhulumeni ukuthi afake intela kulabo abacebile ukuze kutshalwe leyo mali kwezemfundo. Ikhomishini kumele yenze nemigomo yokuhlinzeka ngemfundo yamahhala,” kusho uNtshalintshali.
USihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamende, uNksz Lungelwa Zwane, uthe bayasamukela isimemezelo sokuxhasa abafundi abahlwempu ngokuthi banganyuselwa imali ngonyaka ozayo.
Uthe lesi simemezelo sizonika nekhomishini yemfundo yamahhala isikhathi sokusebenza.
Le khomishini kulindeleke ukuthi idedele umbiko wokugcina ngoJuni ngonyaka ozayo.
Ezikhungweni zemfundo KwaZulu-Natal isimo besithule njengoba bekujutshwe inqwaba yamaphoyisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwaseHoward College lapho kwashiswa umtapo wolwazi.