Abhekene noxhaxha lwamacala amaphoyisa

Comment on this story

SIMPHIWE NGUBANE

ABHEKENE noxhaxha lwamacala angu-71 amaphoyisa akwaKito (Cato Manor), abesedume ngokuba ngomashayabhuqe kubasolwa, abeyofaka isicelo sebheyili eNkantolo, izolo.

La maphoyisa angu-20 aboshwe ngoLwesithathu kodwa esevela eNkantolo yesiFunda eThekwini kuvele ukuthi asengu-18 abhekene nala macala.

Amanye amabili kuthiwa ahoxisiwe amacala awo ngezizathu ezaziwa wuphiko lwezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA).

Phakathi kwamacala abhekene nala maphoyisa kubalwa angu-14 okubulala, ayisishiyagalolunye awokubulala okuhlobene nemboni yamatekisi, ayisikhombisa ababulawa ngenxa yokuqhumisa imishini yemali, ama-ATM, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukugqekeza ngenhloso yokubulala, ukweba nawokushaya ngenhloso yokulimaza nokucekela phansi impahla.

Umphenyi wecala ovela ophikweni loKlebe, uColonel Frans Khola, uthe uphenyo lwabo luyaveza ukuthi la maphoyisa abesebenzisa indlela eyodwa ukubulala abasolwa, nabanye abantu njengoba abethi aqale ahlaselwa abe eseziphindiselela.

UKhola uthe uphenyo lwabo luyakuveza ukuthi iningi lalaba ababulawa babesuke bengahlomile, abanye belele, abanye bengebona ngisho abasolwa.

Ucaphune esinye isigameko sokubulawa kukaKwazi Ndlovu (15) owabulawa elele kusofa ngoMashi 2010, eMpangeni.

UKhalo uthe la maphoyisa abebabulala phambi kwemindeni yabo labo asuke ebafuna okukhona kubo nezingane ezincane obekuthi uma beke basho okwenzekile bathole izinsongo zokubulawa.

Ohola ithimba labameli babasolwa, u-Advocate Guido Renzhorns SC, uthe kumele badedelwe ngoba bababambisene nabebephenya kusukela kuqala unyaka, kwaze kwaba bayaboshwa.

ENkantolo kuphinde kwavela ukuthi kuzongezwa amanye amacala okubulala kulawa akhona njengoba oKlebe becele ukuthi banikwe amanye amasonto amabili ukuze baphothule uphenyo lwabo oluzoholela ekutheni kwengezwe amanye amacala okubulala angu-16.

Kule nkantolo beziqinile ezokuphepha, ngaphakathi nangaphandle kutshalwe inqwaba yamaphoyisa.

Kukhona abantu abebephethe izingqwebhe ezikhombisa ukuzwelana nala maphoyisa aboshiwe, bethi angamaqhawe abo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.