Afuna uDhlomo achaze ngolwendiza

Comment on this story
no Copy of Copy of NT_dhlomo0 (29890880) (29923698) INDEPENDENT NEWSPAPERS Dkt Sibongiseni Dhlomo

LUNGI LANGA

AMALUNGU esiShayamthetho saKwaZulu-Natal aphuma emaqenjini aphikisayo awanelisekile ngencazelo kaNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni ngokusebenzisa kwakhe indiza enophephela emhlane okukholakala ukuthi yayingasebenza ukusindisa umndeni owashona engozini.

La malungu athi kusazofanele achaze kabanzi uDkt Sibongiseni Dhlomo (osesithombeni) ngoba okwamanje akakasho lutho. Ilungu lePhalamende le-DA uMnuz Mark Steele, uthe uDhlomo ubengakabaphenduli njengamalungu ekomiti kodwa bayibonile incazelo yakhe emaphephandabeni.

“Ayenele lento ayishilo futhi ayikhombisi ukuthi yini eyayibalulekile ekuyeni kwakhe eMkhanyakude. Sifuna asinike incazelo ephelele futhi eshoyo ukuthi wayehambelani ngale ndiza,” kusho uSteele.

Ilungu le-IFP uNkk Usha Roopnarain, uthe encazelweni kaDhlomo akukho okusho ukuthi isimo ayesiphuthuma sasihlobene nezempilo.

“Ubengathatha umshayeli wakhe baye eMkhanyakude bekungabizi ukuthi aze athathe indiza enophephela emhlane okwaziwa ukuthi isetshenziselwa izimo eziphuthumayo zezempilo,” kusho uNkk Roopnarain.

USteel uthe basaqhubeka nesinqumo sabo sokunika uMnyango wezeMpilo izinsuku ezingu-14 ukuthi unabe ngokwakuyokwenziwa uDhlomo ehamba ngale ndiza.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.