Agcine endile amawele azalwe ehlangene

Comment on this story
NO twins pg5 INLSA Amawele azalwe ehlangene aseMthatha e-Eastern Cape asendile. La mawele kuthiwa abesebenzisa inhliziyo nesibindi esisodwa. Isithombe: Ian Landsberg

INTATHELI YESOLEZWE

AMAWELE abengundabuzekwayo azalwe ehlangene okungawase-Eastern Cape agcine endile. La mawele asuswe e-Eastern Cape ayolashwa esibhedlela eCape Town ngesonto eledlule. Amagama awo abengakadalulwa kanti nemindeni yawo icele ukuthi ingathintwa ngabezindaba.

AboMnyango wezeMpilo eWestern Cape ngomlomo womkhulumeni walo Mnyango, uFaiza Steyn, uthe amawele abenesisindo esingu-4 kilograms ashone ngesonto ebusuku.

Amawele kuthiwa abesebenzisa inhliziyo eyodwa nesibindi. Inhliziyo yawo kuthiwa ibihluleka ukuphampa ngendlela njengoba elinye lawo bese linenkinga yokuphefumula obese kuze kwaphumela nasenhliziyweni.

USteyn uthe njengoba lezi zingane kade zisebenzisa lezi zitho ngokuhlanganyela abemancane kakhulu amathuba okuthi abengasinda.

Uthe bonke abantu ababezama ukusiza la mantombazanyana bathintekile ngokushona kwabo ngoba ngesikhathi efika esibhedlela ayebukeka ethembisa.

Esithombeni esikhishwe iphephandaba iCape Times ngoLwesihlanu bekubukeka sengathi lezi zingane ziyangana.

Amawele azalelwe esibhedlela iDr Malizo Mpehle kuTsolo, eduze kwaseMthatha ngoLwesithathu olwedlule abe esethunyelwa eCape Town lapho efike khona ngoLwesine eRed Cross Children’s Hospital.

Ephawula phambilini uSteyn waveza ukuthi akucaci ukuthi udokotela uzowahlinza nini ngoba kubonakala isimo sawo singaphuthumi.

Wathi amawele asadinga ukuxilongwa ngendlela udokotela agculiseke futhi kungenzeka angahlinzwa maduze. Waveza nokuthi kungenzeka abuyiselwe ekhaya ukuze akhule kahle uma lokho kubonakala kuyindlela ephephile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.