MINENHLE MKHIZE
AKADIKIBELE ngokusala ngaphandle ohlwini lwabadlali abazobanga umklomelo womdlali omncane ovelele ku-Absa Premiership uPhakamani “Phaka” Mahlambi weBidvest Wits.
Namuhla e-Emperors Palace eGoli ngo-8.30 ebusuku, iPremier Soccer League (PSL) izochoma uphaphe lwegwalagwala abadlali abenze kahle ngesizini ka-2015/2016.
Alikho igama likaMahlambi kulabo abazoklonyeliswa namuhla. Kodwa lo mdlali uthathe amehlo ezinkumbi zabathandi bebhola eNingizimu Afrika ngemilingo abeyigila enkundleni.
Umklomelo weYoung Player of the Season uzobangwa ngu-Aubrey Modiba weMpumalanga Black Aces, Rivaldo Coetzee noSello Jaftha weFree State Stars.
UMahlambi exoxa ne Solezwe ukubeke kwacaca ukuthi akakhatha-zekile ngokusala ngaphandle.
Lo mdlali akayiqedanga isizini ngemuva kokulimala idolo maphakathi nesizini.
“Angiphathekile kabi nakancane ngokuphuthwa ngumklomelo womdlali omncane ovelele. Bonke abaqokiwe bakufanele ukubanga lo mklomelo. Mina ngiphazamiswe ukulimala futhi angiyena umdlali odlalela imiklomelo. Abaqokiwe benze kahle futhi ngibafisela inhlanhla,” kusho uMahlambi.
UMahlambi udlale imidlalo engu-14 washaya amagoli amahlanu kule sizini esanda kusongwa. Ngokomthetho wePSL umdlali kufanele adlale imidlalo engu-15 kuya phezulu ukuze aqokelwe emiklomelweni yale nhlangano.
Ngesizini edlule lo mklomelo unqontshwe nguPhumlani Ntshangase weWits.
Lo mdlali odabuka eMlazi uwuthathe kuKeagan Dolly weMamelodi Sundowns.
UMahlambi ufake isandla ekutheni iqembu lesizwe lika-Under-23 lizibekisele indawo kuma-Olympic Games aseRio de Janeiro, eBrazil ngo-Agasti.
“Njengamanje sengiyazihambela. Nokho ngeke ngidlale kuma-Olympic. Angiboni ukuthi kuzoshaya isikhathi sokuqala kwawo sengiluleme ngokugcwele.
“Angizimisele ngokujaha ukubuyela enkundleni ekubeni ngizizwa kahle ukuthi angikalulami,” kusho uMahlambi.
Iqembu lakhe liqede endaweni yesibili ku-Absa Premiership egcine inqontshwe yiSundowns.
“Sidlale kahle kakhulu njengeqembu. Ngesizini ezayo uma singaqhubeka ngale ndlela esidlale ngayo bese siba nomgqigqo ngicabanga ukuthi singenza kangcono kakhulu,” kusho uMahlambi.
Abaqokiwe kweye-Absa Premiership:
Young Player of the Season: Aubrey Modiba, Rivaldo Coetzee, Sello Jaftha.
Goalkeeper of the Season: Denis Onyango, Moeneeb Josephs, Shu-Aib Walters.
Defender of the Season: Thabo Nthethe, Thulani Hlatshwayo, Vuyo Mere.
Midfielder of the Season: Hlompo Kekana, Keagan Dolly, Khama Billiat.
Player’s Player of the Season: Khama Billiat, Keagan Dolly, Hlompo Kekana.
Footballer of the Season: Khama Billiat, Keagan Dolly, Hlompo Kekana.
Coach of the Season: Gavin Hunt, Pitso Mosimane, Muhsin Ertugral.
Goal of the Season: Ben Motswari v Chippa, Mpho Makola v Chippa, Thabo Rakhale v Aces.
Top Goalscorer: Collins Mbesuma (14 goals)