SITHUNYELWE
UDJ King Bayaa uthi ukwenza ingoma usuxhamazela kwenza ingabi sezingeni, yingakho engajahile ukukhipha i-albhamu. Isithombe: Sithunyelwe
FANELESIBONGE BENGU
AKAKUJAHILE ukukhipha i-albhamu ethi yena uphrojusa izingoma zakhe ezifakwa ubuthaphuthaphu kuma-albhamu oDJ baseThekwini.
UBayanda “King Bayaa” Dlamini (23) uthi usadinga ukucathuliswa kule ndima njengoba esafuna ukuzakhela igama kuqala hhayi ukuthi aqhamuke “esevumbuka nge-albhamu”.
Uthe akafuni ukwenza izinto esexhamazela kodwa usafuna ukuzinika isikhathi.
“Angijahe ndawo. Uma wenza izinto usuphuthuma zijwayele ukuthi zibe namaphutha amaningi yingakho ngifuna ukuzinika isikhathi ngaphambi kokuthi ngikhiphe.
“Akubi lula ukuthi kuqhamuke umuntu ongaziwa akhiphe i-albhamu bese yenza kahle, kungcono uma sebemazi futhi kukhona nezingoma ake azenza,” kusho uKing Bayaa onezingoma ezine kwi-albhamu kaDJ Websta iFirst Episode.
Izingoma zalo phrojusa obuye abe nguDJ sezifakwe kuma-albhamu oDJ abaningi baseThekwini. Phakathi kwezinye zezingoma zakhe kubalwa okwaduma ukuthi ngekaDJ Websta kodwa yagcina ngokuba kwi-albhamu kaC’ndo ethi Ekat Em Yawa.
UKing Bayaa ngalokhu uthe uWebsta wathembisa ukuyithatha ingoma kodwa kwadlula isikhathi engabuyeli kuyena ukuze amxhumanise noLars Behrenroth waseGermany okunguye oyidayisa kwi-internet.
“Akufikanga kimina uC’ndo ngqo kodwa kwafika uTira ngamtshela ukuthi ingoma isisayinwe nguLars phesheya ngakho akaxhumane naye,” kusho uKing Bayaa ofakazelwe nguDJ Tira.
Uveze ukuthi usebenze noDJ Happy Gal kwi-albhamu azoyikhipha maduze engomeni ethi Waphenduka. Ngaphandle kukaHappy Gal uke wasebenza noDJ Deelou kwi-albhamu iDeelouded Vol 1 engomeni ethi We Praise (Shembe Hymn).
|
|
Services