INLSA
USIPHO-ESIHLE Nhleko (15) ocula umculo we-opera osanda kuwina izindodo ezimbili eyegolide neyethusi ezingeni lomhlaba uzocula ukuhlonipha uNkosazana Dlamini-Zuma esontweni i-ECC. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
BONISWA MOHALE
ISIBALA izinsuku intokazi yaseSarnia, ePinetown ezohlonipha uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma ngomculo we-opera emcimbini ozobe ungeSonto eThekwini Community Church (ECC).
USipho-Esihle Nhleko (15) ubemamatheka ethi namanje usazincinza ngoba akakholwa wukuthi nguye ozobe eculela uDlamini-Zuma noMkhuzi wamaphoyisa uGeneral Riah Phiyega emcimbini wokubahlonipha ohlelwe yileli bandla.
“Sengathi ngiyaphupha ngendlela engimthanda ngayo uDlamini-Zuma. Ungumuntu wesifazane ozithobile, oyaziyo into ayifunayo futhi ongaphumuli uma izinto zingahambi kahle. Angikholwa wukuthi yimina engizobe ngimhlonipha ngamanoni omculo we-opera ngoba ngihlale ngimbona kuthelevishini kodwa kulokhu ngizobe ngimbona bukhoma,” kusho uSipho-Esihle.
Le ntokazi efunda eKloof High ayiyona imfunda-makhwela emculweni we-opera njengoba isanda kuwina indondo yegolide emcintiswaneni wamazwe angu-46 obuseLos Angeles, eMelika akagcinanga ngokucula i-opera kodwa ubuye ne-bronze emkhakheni wowokholo.
Uphinde wahlonishwa ngokuba ngushampeni we-opera kulo mncintiswano obungoJulayi.
USipho-Esihle uthe uzobe ecula ingoma ethi Ave Maria ethandwa kakhulu ngabaculi be-opera nesike yaculwa yisihlabani uSarah Brightman.
Uthe ukhethe le ngoma ngoba uDlamini-Zuma ungowesifazane ofanelwe wukuhlonishwa ngoba usiza abantu abaningi bakuleli nabakwamanye amazwe eMnyangweni wezaseKhaya.
USipho-Esihle uthe ufisa ukuhlangana nesihlabani sakuleli uSibongile Khumalo, ohlonishwayo emculweni we-opera.
Ebuzwa ukuthi kungani ekhethe ukucula i-opera uthe lolu hlobo lomculo lufuna umuntu osebenza ngokuzikhandla futhi luyahlonishwa emhlabeni jikelele.
Le ntokazi iqeqeshwa nguMnuz Lwazi Ncube noSolwazi L Mkhwanazi baseHoward College Opera Theatre.
Ugqugquzele intsha ukuba igxile emathalenteni ayo ukuze ingangeni ezintweni eziphambene nomthetho ezingayidicilela phansi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services