Akasakwazi ukuzihambela owajova eyosoka

Comment on this story
NO sihle3 PATRICK MTOLO USIPHESIHLE Mthembu waseHarmmasdale ongasakwazi ukuhamba emuva kokuzama ukusoka emtholampilo wangakubo. Isithombe:PATRICK MTOLO

LUNGI LANGA

IMILE impilo yebhungu laseGeorgedale, eHammarsdale elingasakwazi ukuhamba emuva kokujova lisokwa emtholampilo wendawo.

USiphesihle Mthembu (21) usehamba ngezinduku futhi ukube kuya ngaye ngabe uthola ngisho isihlalo esinamasondo njengoba sekuphele inyanga engakwazi ukuhamba emuva kwemizamo yomtholampilo, iPeaceville eseHammarsdale yokumsoka ngaphandle kwempumelelo.

Uthe waya emtholampilo ngoMeyi kulo nyaka ezimisele ngokusoka wabuyela ekhaya ngenyanga elandelayo engasakwazi ukuzihambela ngezakhe izinyawo.

“Ngahamba ngayosoka ngoba ngizwa kukhulunywa ngakho yonke indawo kuthiwa abantu besilisa abasoke ukuze banciphise amathuba okusuleleka ngengculazi, ngangingazitsheli ukuthi ngingagcina ngingasakwazi ukuhamba,” kusho uMthembu.

Uthe wafika emtholampilo ngezikhathi zasemini bamjova ngasesinyeni ngomjovo wokudumbisa umzimba ukuze angezwa izinhlungu uma esesoka. Emuva kwalokho waquleka, wavuka esesibhedlela iSt Mary’s eMariannhill.

UMthembu uthe akakaze akwazi ukuhamba kusukela ngalelo langa.

Uthe wadluliselwa eRK Khan esibhedlela nabo bambheka bathi abaqondi ukuthi kwenzekeni kuye, bamdlulisela esibhedlela eNkosi Albert Luthuli. Uthe iNkosi Albert Luthuli yambuyisela eRK Khan kepha uze waphuma khona engachazelekile ngokuthi yini edale ukuthi angabe esakwazi ukuhamba nokuthi uzoze akwazi nini.

Uthe okumphatha kabi wukuthi waya emtholampilo ngoLwesine ezoqala emsebenzini omusha ngesonto elilandelayo. Manje usehleli nenkinga yokungahambi kanti kwakusoka lokho akubange kusenziwa ngenxa yalokhu.

Uthe kusukela lokhu kwenzekile akaze athole ncazelo emtholampilo nasezibhedlela asedluliselwe kuzo, kunalokho babukeka engathi bebezama ukumfihlela ngomsuka wokulimala kwakhe. Izolo uvakashele kulo mtholampilo alimala kuwo bathi bazomzamela isihlalo esinamasondo kepha abazange batshengise ukuthi kukhona abangamchazela kona ngokulimala kwakhe.

Umhlengikazi womunye wemitholampilo ezimele ezisoka abantu ocele ukungavezwa, uthe kungenzeka ukuthi uMthembu wajovwa ngomjovo omningi kunalowo owawudingeka noma akajovwanga ngendlela noma waliwa wumjovo. Uthe akujwayelekile ukuthi umuntu alimale ejovela ukusoka.

Kuthintwa aboMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal bacele ukuthi bathunyelelwe yonke imininingwane kaMthembu ukuze babheke ukuthi bangamsiza kanjani.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.