Akasekho owaseGhana

Comment on this story
no mills3 REUTERS ELAYIZOLO lishone nezindaba ezimbi kwelase-Afrika zokudlula emhlabeni kukamengameli waseGhana uJohn Atta Mills. Izindaba zokushona kwalo mholi ziqinisekiswe yihhovisi lakhe izolo ebusuku.

INTATHELI YESOLEZWE

KUSHONE ngokuzuma uMengameli waseGhana uJohn Atta Mills, ngokusho kwesitatimende esikhishwe ihhovisi likamengameli wakuleli lizwe lase-Afrika izolo ebusuku.

Ukushona kukaMills, obephethe izwe elingelesibili elihamba phambili emhlabeni ngokukhiqiza ukhokho, kwehle ngemuva kwezinyanga ezimbalwa kulindeleke ukuthi angenele ukhetho okwesibili kulelizwe eliseNtshonalanga ye-Afrika. IGhana inconywa ngokuhambisa izinto zayo ngokwenqubo yentando yabantu nokukhula ngamandla komnotho wayo.

“Kubuhlungu impela ukuthi sizithole sesimemezela ngokushona ngokuzuma kukaMengameli wezwe laseGhana,” kusho isitatimende esithunyelelwe abakwa-Reuters izolo ebusuku.

Siqhuba lesi sitatimende sithe uMills (68) ushone ngemuva kwamahora ambalwa ekhale ngokugula kodwa akukho okunye okukhishiwe ngokugula kwakhe.

Omunye wabasizi bakaMills ocele ukuthi angadalulwa uthe uMengameli ubekhale ngezinhlungu ngoMsombuluko ebusuku wabe eseshona izolo ntambama ngesikhathi isimo sakhe sempilo siba simbi kakhulu.

UMills ubesanda kubuya eMelika la kade eyohlolwa khona isimo sempilo yakhe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.