CLOSE AD
Advertisement
logoSections

Akasekho owaseGhana

KUSHONE ngokuzuma uMengameli waseGhana uJohn Atta Mills, ngokusho kwesitatimende esikhishwe ihhovisi likamengameli wakuleli lizwe lase-Afrika izolo ebusuku.

Ukushona kukaMills, obephethe izwe elingelesibili elihamba phambili emhlabeni ngokukhiqiza ukhokho, kwehle ngemuva kwezinyanga ezimbalwa kulindeleke ukuthi angenele ukhetho okwesibili kulelizwe eliseNtshonalanga ye-Afrika. IGhana inconywa ngokuhambisa izinto zayo ngokwenqubo yentando yabantu nokukhula ngamandla komnotho wayo.

ELAYIZOLO lishone nezindaba ezimbi kwelase-Afrika zokudlula emhlabeni kukamengameli waseGhana uJohn Atta Mills. Izindaba zokushona kwalo mholi ziqinisekiswe yihhovisi lakhe izolo ebusuku. Credit: REUTERS

“Kubuhlungu impela ukuthi sizithole sesimemezela ngokushona ngokuzuma kukaMengameli wezwe laseGhana,” kusho isitatimende esithunyelelwe abakwa-Reuters izolo ebusuku.

Siqhuba lesi sitatimende sithe uMills (68) ushone ngemuva kwamahora ambalwa ekhale ngokugula kodwa akukho okunye okukhishiwe ngokugula kwakhe.

Omunye wabasizi bakaMills ocele ukuthi angadalulwa uthe uMengameli ubekhale ngezinhlungu ngoMsombuluko ebusuku wabe eseshona izolo ntambama ngesikhathi isimo sakhe sempilo siba simbi kakhulu.

UMills ubesanda kubuya eMelika la kade eyohlolwa khona isimo sempilo yakhe.

SHOW ALL
Advertisement
Twitter Olympics Feed