MINENHLE MKHIZE
Ebika eseGoli
U SOLA iKaizer Chiefs nokugodola nemali uPollen “Trompies” Ndlanya owayengalibheki ipali ngesikhathi esayibamba kuMakhosi eminyakeni eyedlule.
IziMpofana ziqede isizini zishwiba izandla kulandela ukuhluleka wukuvikela isicoco seMTN 8 nese-Absa Premiership.
Iningi lezingqapheli zebhola likholwa wukuthi Amakhosi kumele angene ashone emakethe njengoba “egugelwe” ngabadlali.
Ngesizini edlule iChiefs ithole inqwaba yabadlali abangazange bayisize ngalutho. Phakathi kwabo uSula Matovu, Bongani Ndulula, Siyanda Xulu noCamaldine Abraw.
UNdlanya utshele Isolezwe ukuthi Amakhosi kumele ayeke ukugodola nemali uma ezimisele ngokubuyisa udumo lwawo lokudla izicoco.
“Ngemuva kokuthi iChiefs inqobe isicoco seligi ngesizini edlule ngalibeka ngembaba elokuthi uma bengasiqinisi isikwati sabo ngeke basivikele futhi kwenzeke njengoba ngangishilo. Abadlali beChiefs badala futhi sebedlale isikhathi eside kule minyaka edlule eqenjini lesizwe. USteve Komphela (ocija iChiefs) kumele athengelwe abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Abantu kufanele bakuqonde ukuthi kunabadlali bamaqembu amancane nabadlali beChiefs. Akusibona bonke abadlali baseNingizimu Afrika abafanelwe wukugijima kuChiefs. Njengamanje iChiefs kufanele ngabe ikhipha noma yimalini ukuthola umdlali ofana noSibusiso Vilakazi noPhakamani Mahlambi kodwa ngiyazi ukuthi ngeke ngoba ayizwani nokukhokha,” kusho uNdlanya obesesikhumulweni zezindiza, eGoli, eyehlisa ngetiye le nkulumo yakhe.
UVilakazi vele umataniswa nayo iChiefs kodwa kuvela ukuthi iWits ifuna izindodla zemali.
“Kwamanye amazwe amaqembu amakhulu akukhombisa ngokuthi asayinise abadlali
abaseqophelweni eliphezulu akhombise lawa amancane ukuthi angomakhonya.
“Lapha ngikhuluma ngamaqembu afana noBarcelona noReal Madrid (aseSpain). IBarca neMadrid abananazi ukuthenga abadlali abasuke benza kahle koSevilla naku-Atletico Madrid. Uma kunomdlali owenza kahle eqenjini elincane umbona esegijima kuwona la maqembu. Yinto efanayo naseGermany ngoba iBayern Munich isiyiqedile iBorussia Dortmund. Nase-England amaqembu amakhulu enza okufanayo. NeChiefs kumele iyeke ukugodola ikhiphe imali ukuze izikhombise ukuthi iyiqembu elikhulu,” kusho uNdlanya.
IChiefs kulindeleke ichithe inqwaba yabadlali emasontweni azayo.
“Okunye engikubona kubulala iChiefs ukulanda abadlali bangaphandle abasezingeni eliphansi. Ngokwami, umdlali wangaphandle akumele akhuhle ibhentshi. Umdlali wangaphandle kumele adlale njalo. KuChiefs bagcwele ebhentshini.
Mina ngisadlala eTurkey wawutshelwa kahle ukuthi awuphephile uma usuhlala ebhentshini. Babekubiza bakubuze ukuthi kwenzekani uma usuwukudla kwebhentshi,” kusho uNdlanya.
Abadlali beChiefs bangaphandle abalizwa ngendaba ijezi ngo-Ovidy Karuru, Matovu no-Ivan Bukenya.