Advertisement
X

Akazisoli ngokuya ehlathini noSuthu

AKASIZOLI ngokwehlela ehlathini naMaZulu uGoodman “Deco” Dlamini odonse kanzima ukuthola iqembu ku-Absa Premiership emuva kokuhlukana noSuthu.

UDlamini waseMasundwini, KwaNongoma, usayine inkontileka yesizini enombandela wokuyivuselela ngamabili neFree State Stars ngesonto eledlule.

UGOODMAN Dlamini obegijima kuMaZulu ujabule ngokusayina kuFree State Stars egijima ku-Absa Premiership njengoba ebedlala kuNational First Division ngesizini edlule Isithombe: BACKPAGEPIX. Credit: BackpagePix

Umqeqeshi we-Ea Lla Koto uDenis Lavagne, akachithanga isikhathi wamphonsa ensimini ngesikhathi leli qembu ligadulisana nomakhelwane iBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership ophele zibambene ngo 0-0 eGoble Park Stadium, eFree State.

Ekupheleni kwesizini ka-2014/2015 ngesikhathi AmaZulu edliwa yizembe kuPremiership abekhona amaqembu agijima kulesi sigaba abemfuna uDlamini kodwa waqoka ukwehlela kuNational First Division (NFD) noSuthu.

Phakathi kwamaqembu ayemfuna kukhona iMaritzburg United neBidvest Wits kodwa abengasayingeni indaba yakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule esehlukene naMaZulu.

Iningi belimsola ngokuthi wayeka ithuba ngokuya ehlathini naMaZulu.

“Angikuboni njengento eyangiphindisela emuva ukuya ehlathini naMaZulu. KuNFD nakhona kudlalwa ibhola nakuba izinga lingalingani nelesigaba esikhulu,” kusho uDlamini.

“Bekunzima ukungalitholi iqembu kodwa kungijabulisile ukuthola iqembu ku-Absa Premiership kwazise bengivele ngifisa ukubuyela khona. Kufanele ngisebenze kanzima ngoba bengingekho ngesikhathi iqembu lilungiselela ukuqala kwesizini. Kumele ngizikhandle, sisebenze ngokubambisana siyiqembu.”

UDlamini, owajoyina Usuthu ngo-2007, uyaqala ukudlala ngaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Ngaphambi kokuyozama inhlanhla ku-Ea Lla Koto uchithwe yiLamontville Golden Arrows abeziqeqesha nayo.

Eminyakeni edlule uDlamini kwakufanele adlale kuBafana Bes’thende kodwa “wantshontshwa” yisikhulu soSuthu sekufanele asayine.

Namuhla iStars izokwamukela i-Arrows emdlalweni wePremiership eGoble Park, ngo-7.30 ebusuku. Emdlalweni wokuqala wesizini ka-2016/2017, iStars ihlulwe yiChippa United ngo 2-1.

“Akukho engikubambele i-Arrows. Lapha ngizokwenza umsebenzi abangithathele wona. Ngijabule ngendlela engiphethwe ngayo. Ngizosebenzela ukusiza iqembu lithole amaphuzu amathathu,” kusho uDlamini.

“Konke sekusezandleni zami ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla. Kufanele sibambisane singabadlali ukuze sikhuphule iqembu.”

Ngemuva komdlalo wanamuhla iFree State izovakashela iSuperSport United komunye wePremiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Isizathu sokuthi lo mdlalo uze eThekwini ukuthi iSuperSport ivele idlala eMgungundlovu namuhla ngakho ngeke isaphindela emuva kuze kudlule imidlalo yangempelasonto.

SHOW ALL
Advertisement