CLOSE AD
Advertisement
logoSections

Akekho ozodlala amakhaza kwiVodacom Durban July

OSAZIWAYO bathi abaya kwiVodacom Durban July bangazikhathazi ngamakhaza ngoba ubumnandi obudidiyelwe kulo mcimbi kuzobagcina beshisa.

USthandwa Nzuza osakazela Ukhozi FM uthe uzobe egqoke ingubo yase-Afrolicious enombala obomvu ngoba uhambisana nendikimba.

UDJ Fresh uzobe enandisa kwelinye lamatende kuVodacom Durban July, uthe abalandeli bakhe bazombona ngoMgqibelo ukuthi uzobe egqokeni. Isithombe: Neil Baynes. Credit: Neil Baynes

Uthe uzwile abantu abazobe behambele i-Vodacom Durban July angeke bagodole ngoba ubumnandi buzobe bukuyo yonke indawo kusukela etendeni lase-Afro kuya kwele-Tourism KZN lapho kuhlangene khona abasakazi bakwa-SABC.

Umsakazi we-5 FM uDJ Fresh uthe uzobe ekhona kwi-Vodacom Durban July kodwa uzobe enandisa etendeni lalesi siteshi.

Mayelana nazobe ekugqokile, imenenja yakhe uTsholo ithe abalandeli bakhe bazobona ngoMgqibelo kodwa-ke akavamisile ukulandela imfashini.

Umculi oshisa izikhotha kulezi zinsuku uShota (Mnqobi Mdabe) uthe uzobe egqoke isudi enombala ompunga ukuze noma kuvela isikhathi sokuxoxa ngebhizinisi akwazi ukwenza lokho.

“Angiyena umuntu olandela imfashini kodwa-ke kwi-Vodacom Durban July ngizobe ngibukeka kahle ngigqoke isudi. Nginomuntu ongibonisayo ngezinto okumele ngizigqoke uTshepo. Ngingathi kubantu ngizobe ngiyindoda ehloniphekile,” kusho uShota.

Uthe uzobe esetendeni le-Afrotainment bese kuthi emuva komjaho anandise ezindaweni ezahlukene.

Umsiki wengqephu uMamsie Mkhwanazi ugqugquzele abantu ukuba bahambisane nendikimba ethi A Material World, bagqoke baqinise kakhulu ezimpahleni ezinombala obomvu noluhlaza.

Ezintweni zokuhloba uthe bangawakhohlwa ama-fascinator okuyizigqokwana ezincanyana nalezo ezino-lace.

Amacici uthe kufanele abe makhulu kube nobucwebe obuzokwenza ugqame eningini.

“Indikimba yalo nyaka ikhuluma ngokunakekela imvelo kodwa-ke akusho ukuthi ungazinakekeli ngoba iyakugqugquzela nokuthi uziveze ukuthi ungubani. Ufake ubucwebe, ubonakale ukuthi ukhona,” kusho uMamsie.

SHOW ALL
Advertisement
Twitter Olympics Feed