NGEKE sivalwe muntu isikhala esizovuleka uma kushiya isingqazu ebesingomunye wabethuli bohlelo i The Real Goboza yakuSABC1.
Ukuthi khumu kulolu hlelo kuka-Amanda du Pont ngeke kuvuleke sikhala somsebenzi somuntu omusha kulolu hlelo okungalindeleka ukuthi aqashwe. Kunalokho umdidiyeli walolu hlelo, uSydney Mekgwe uthe lolu hlelo luzoqhutshwa nguPhat Joe noSinazo Yolwa bobabili.
“Sibe nesikhathi esihle nesimnandi sisebenza no-Amanda. Simbonile ekhula usuku nosuku njengomethuli wohlelo. Siyithimba leThe Real Goboza simfisela inhlanhla sithi qhubekela phambili mbokodo,” kusho uMekgwe.
Mayelana nokuhamba kwakhe u-Amanda ukhiphe isitatimende esithi: “Ngibe neminyaka emithathu yenjabulo ngisebenza kwiRGB. Ngenxa yokuthi yonke into inesikhathi sayo, ngibone sekushaye isikhathi sokuthi ngikhule ngibheke ezinye izinselelo ezintsha.”
Kuyavela nokho ukuthi ukuhamba kwakhe kulolu hlelo kungenxa yokuthola umsebenzi wokuba ngumethuli ohlelweni oluzoqala kungekudala kuthelevishini. Imininingwane yalolu hlelo azolethula ibingakacaci.
Kulolu hlelo lo mgosi wosaziwayo kuvela ukuthi u-Amanda ubesehlale iminyaka emithathu elwethula ngempumelelo nozakwabo.
Yingakho iziphathimandla zohlelo zibone kukuhle ukuthi esiqeshini sangoMgqibelo ozayo bahloniphe u-Amanda ngokuveza wonke amagalelo akhe. Phakathi kwezinto abaziqoqile ezizokhonjiswa kulesi siqephu yizingxoxo ezikhethekile ake waba nazo nosaziwayo, iziqubu ezithile ezibalulekile abe nazo nozakwabo neminye imizuzu ekhethekile kuyena.
Yize ehamba kwi RGB kodwa ukulingisa kwakhe kwiSkeem Sam esidlala kuSABC1 ngeke kuphazamiseke.
Kwi Skeem Sam udlala enguLelo Mthiyane.
Kwenzeka lokhu nje, u-Amanda usanda kwethulwa njengenxusa lezicathulo zakwaFootwork South Africa.