Group
USFISO Ncwane nomkakhe u-Ayanda bayalugubha usuku lwezithandani iValentine. Bathi kuhle ukuhloniphana nokuthandana ngokulingana angabikhona okhohlisa omunye. Isithombe: BONGANI MBATHA
NOKUBONGWA PHENYANE
NJENGOBA namuhla umhlaba jikelele ugubha usuku lwezithandani olwaziwa nge- Valentine’s Day, umculi wowokholo uS’fiso Ncwane nomkakhe u-Ayanda bakhuthaza abantu ukuthi bangalilahli ithemba lokuthandwa noma lokuthanda ngenxa yokuhlukumezeka ebudlelwaneni.
Lezi zithandani esezineminyaka emihlanu zishadile, zinezingane ezimbili uMawenzokuhle (4) noNgcweti (9), zitshele Isolezwe ukuthi usuku lwanamuhla nabo bayalugubha minyaka yonke.
Ngokusho kuka-Ayanda, abantu abaningi besifazane basuke bahlukumezeke bese ubezwa bethi bazozimela abasawudingi umshado noma umuntu azothandana naye.
“Akekho umuntu ongaludingi uthando. Ngakho mina ngikhuthaza abantu ukuthi bangalahli ithemba ngoba abanye baze bafunge nje bathi ngeke baphinde bashade. Kumnandi ukushada uma nje nizokwazana kakhulu futhi nicele uNkulunkulu anisize kukho konke enikwenzayo,” kugcizelela u-Ayanda.
UNcwane uvemelene nomkakhe wathi abantu abaningi basuke beze namagqubu ebudlelwaneni obusha okwenza ukuthi iningi lemishado libhidlike.
“Abantu uma bengathi nje uma sebeshada bakhohlwe yikho konke osekudlule lokho kungabakha ubuhlobo babo nomshado wabo uqine,” kusho uS’fiso.
Izolo Isolezwe lihambele lo mndeni emzini wabo lazizwela imfudumalo nothando oluhelezayo kulo muzi. Bobabili bebegqoke izimpahla ezinombala ogqamile obomvu ogqize ngomhlophe ohambisana nosuku lwanamuhla.
UNcwane osebenza naye umkakhe kwezomculo kulezi zinsuku ushisa izikhotha ne-albhamu yakhe ethi Kulungile Baba.
|
|
Services
Comment Guidelines