Akucaci noma izoqhubeka eyeVodacom

Comment on this story

ZIYAQONGA izinkomba zokuthi abalandeli bezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs bazoyizwa ngendaba kulo nyaka iVodacom Challenge.

Iphephandaba elinguzakwabo waleli, iThe Mercury libike ukuthi iTheku lizihlangulile ekusingatheni lo mqhudelwano obuzolidla u-R3.5 million.

Ngokusho kwalo mbiko, abakwaSAIL okuyinkampani engabanikazi beVodacom Challenge banqume ukuyimisa ngenxa yokuthi amanye amaqembu abezodlala abengakazisayinisi izivumelwano.

Lawo maqembu yiNewcastle United yase-England osekuvele ukuthi inohambo oluya eChina ngoJulayi kanjalo neTP Mazembe yaseDR Congo enemidlalo ngezinsuku ebezibekelwe iVodacom Challenge.

Kodwa okungacaci wukuthi ukuhoxa kweTheku nokungasayini ngesikhathi kwamaqembu ngabe kusho ukuthi uzohoxiswa wonke yini umqhudelwano noma uzoyiswa kwesinye isifundazwe.

Umqondisi wakwaSAIL, uJabulani Mathibela, uthe ngeke bazifake ingcindezi ngokuphendula imibuzo bengakaxhumani nabo bonke abathintekayo.

“Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi asinayo ingcindezi ngoba thina asikaze simemezele ukuthi iVodacom Challenge ikhona, yimibiko yabezindaba ebisho njalo njengoba manje sekuyibona futhi abathi ayikho,” kusho uMathibela.

Ngokusho kwakhe, bebezokhipha isitatimende esicacisa konke izolo kodwa bebesalinde ukuxhumana “nelinye lamaqembu”.

Lelo qembu yiKaizer Chiefs njengoba uJessica Motaung oyisikhulu sezokumaketha ephesheya kwezilwandle.

Imibuzo ethunyelelwe iPirates ayizange iphendulwe kanti abakwaVodacom badlulisele konke kuSAIL bathi yibona abazocacisa.

Kushiya imibuzo ukuthi kungani iSAIL ifuna ukukhipha isitatimende esikhundleni sokwethula umqhudelwano kwabezindaba njengenjwayelo.

Ngokujwayelekile bekushaya lesi sikhathi sekucaca ukuthi yimaphi amaqembu azodlala nezinkundla okuzodlalelwa kuzona. – Intatheli yeSolezwe


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.