Neil Baynes
BAZOshaya ngezinyawo o-Kenneth Nkosi no-Leon Schuster besuka eThekwini beya eGoli kwi-Movie entsha iMad Buddies. Le movie izobe ikhonjiswa kuwo wonke amabhayisikobho namhlanje. Isithombe: Neil Baynes
BONISWA MOHALE
OSOMAHLAYA asebezakhele ugazi ngokwenza amafilimu akushiya kubuhlungu isisu bashaya ibuya kumabhayisikobho nge-Mad Buddies.
Lefilimu ebophele o-Leon Schuster, Alfred Ntombela no-Kenneth Nkosi izokhonjiswa namhlanje kumakumabhayisikobho ezweni jikelele.
Ngokusho kuka-Leon Schuster lefilimu ihlukile kwamanye ngoba kulokhu amahlaya avela ezingxoxweni zabangani abasuka eThekwini balubhade ngezinyawo baze bayofika eGoli.
Endleleni bazohlangabezana nobunzima obuzobaxabanisa kodwa bagcine sebezwana.
BATHI uzohleka kuze kube buhlungu isisu uma ubukela i-movie entsha ka-Leon Schuster i-Mad Buddies. Esithombeni ngu-Tanit Phoenix no-Alfred Ntombela. Isithombe: Paballo Thekiso
INSLA
U-Kenneth no-Leon yibona abazobe behamba ngezinyawo kanti kulokhu u-Alfred uzobe engasondelene kakhulu nomhlobo wakhe.
“Angiselona ikhansela njengoba nginguNgqongqoshe kulefilimu. Bekumnandi ukusebenza noKenneth kanti sifuna abantu babone ukuthi siyakwazi ukuhlekisa noma silingisa nabanye abantu. Hhayi ukuthi siphelele uma sino-Leon,” kusho u-Alfred.
UKenneth uthe i-Mad buddies ine-script akusikhona ukuthi u-Leon uhambela emarenke ayohlekisa ngabantu.
“Ngicela abantu baphume ngobuningi babo beyobukela i-Mad Buddies ngoba ikhuluma ngokucwasana ngokwebala, ubungani nokuthi ngubani ohlakaniphele ukudlula omunye,” kusho u-Kenneth.
U-Leon uthe akakaze enze ifilimu efana nalena kanti ukusebenza nabalingisi abafana no-Kenneth no-Alfred bekumnandi kakhulu. Uthe ukwenziwa kwayo sengathi iyi-reality show ngoba i-camera ibilandela laba bangani ohambeni lwabo.
Ebuzwa ukuthi uzokwenza ifilimu enjani ngonyaka ozayo uthe ufisa ukwenza ekhuluma ngama-cow boys eNingizimu Afrika.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services